Kuwo uMbhalo uhlala hlale ubhekane no “mbuzo mbumbulu”. Umbuzo obhalwe ngendlela yokuthi impendulo isobala, ngangokuthi lowo mbuzo ungawubhale nje ube inkulumo engesiwo umbuzo. Isibonelo, uma izelamani  zilwa ekhaya bese ubaba eyangena kusaliwa, bese ethi “niyalwa la?”othola ukuthi kahle hle impendulo ayidingeki empeleni. Noma awuphendule umbuzo ube inkulumo emfushane kodwa futhi esambuzo ukwenzela ukuthi kuthi ukubalula ukwazi ukuthi ithini impendulo. “Niyalwa, angithi?”. Ngokuvamile siyakwazi lokhu kukhuluma ukuthi kuyefana ngokulinganayo, kodwa ukubekwa ngendlela ewumbuzo kwenzelwa ukuthi kubelula ukuthi izingane zizivumele ezikwenzayo.

Kanjalo ke iNkosi ivamile ukusinikezela imibuzo yaloluhlobo eMbhalweni lapho ekushoyo kwanele nje ukuba yinkulumo, kodwa ukuba ngumbuzo kwakho kuyasiphoqa ukuba sivume. Ungayifundi imibuzo ekanjalo usheshisa ngoba nje impendulo isobala. Thatha isikhathi ucubungula impendulo! Imibuzo enjalo yelusa ukucabanga kwethu  ukwenzela ukuba ifaneleke ukuba sithi uma siphendula siyiphimisele impendulo.

Nansi imibuzo mbumbulu evamile ivela kuNkulunkulu ibhekiswe kithina (yebo, impela kufunde lokhu okulandelayo, ukuphimisele!)

Ngakube kukhona yini okulikhuni kakhulu okwehlula uSimakade na?

Genesisi 18:14

— “Cha, SIMAKADE, ayikho into enzima Kuwe!”

Ungayithuma yini imibani ukuba ihambe, bese ithi kuwe, ‘bheka, silapha’ na?

UJobe 38:35

— “Cha Nkosi, nguwena kuphela ongenza lokhu!

Ngabe isandla sami sifinyezizwe yini ukuba singahlengi na?

UIZaya 50:2

— “Cha, Nkosi, isandla sakho asifinyeziwe , ngesiqiniseko ungasindisa, ngoba Unamandla onke okusindisa”

Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?

KwabaseRoma 8:31

— “Akekho, akukho namunye ongamelana nathi uma uNkulunkulu engakithi!”

Maye, muntu ndini! Ungabani-ke wena ukuba uqagulisane noNkulunkulu na?

KwabaseRoma 9:20

—“Nkosi, ngiyisidalwa esingumuntu angisophinde ngiqagulisane nawe!

Qiniseka ukuthi amehlo akho ayayiqaphela imibuzo yaloluhlobo eMbhalweni, bese uyayivumela imizamo yoMbhalo ukuthola impendulo kuwe, ukukuvumisa iqiniso elisobala elambuliwe kuwo umbuzo.