Umqondo wokusebenza kuqhathaniswa nokuphumula kuwumqondo ongokweBhayibheli. UNkulunkulu wasebenza izinsuku eziyisithupha ngenkathi edala umhlaba, waphumula ngosuku lwesikhombisa. Lokhu kwaba umgomo noma izinga lokuphumula ekubukelwa kulo kuwona wonke uMbalo, ngokuqondile umthetho wokuphumula wesizwe sakwaIsrayeli ngaphansi komthetho kaNkulunkulu. Kodwa, ukuthi izinsuku zokusebenza zeza ngaphambi kwezokuphumula akuchazi ukuthi siyasebenza khona sizophumula. Kunalokho, ukugcizelela koMbhalo kubukeka kuwukuthi siyaphumula ukuze sizosebenza.

Akukho eMbhalweni lapho siyalelwa khona ukuba siphumule, ngaphandle komthetho wesine kwiMithetho kaMose (I-Eksodusi 20:8-11), ngisho nalokho, uma kuchazwa kuwo uMthetho kaMose, kuhloswe njengelungelo lekhethelo ngaphezulu kokuba umsebenzi. Kwakuyisikhumbuzo kwisizwe ukuthi ukubuswa nguSIMAKADE kwakhululana ngendlela emangalisayo uma kuqhathaniswa nokucidezelwa ngaphansi kukaFaro ( IDutheronomi 5:15). Ngokufanayo, kuMshumayeli, ukuphumula kuchazwe, hhayi njengelungelo, kodwa njengesenzo esikhethiwe salabo abanokuhluzeka emqondweni ababona izeleze lokuphilela ukusebenza kulomhlaba oqalekiswe ngesono (UMshumayeli 5:12).

Ukusebenza kona kuyayalelwa ngokuphindiwe eMbhalweni. U-Adam wayalelwa ukuba asebenze kungakangeni ngisho isono emhlabeni ( Genesisi 2:15). UMose wayalela isizwe ukwenza umsebenzi waso ngesikhathi leso esinqunyiwe (IEksodusi 20:9). Umsebenzi yisona sihloko esivamile ukuyalezwa kwimithetho enjengenkulumo mbiko yencwadi yeZaga ( Isibonelo, IZaga 14:23, IZaga 22:29). Amakholwa kwiTestamente Elisha ayalelwa ukwenza konke “ngenhliziyo” ( kwabaseKholose 3:23). Umsebenzi umthwalo oyimfanelo oyisisekelo sempilo, ngangokuthi ngisho “nelungelo”lokudla lincikene nokusebenza kanzima ( 2 kwabaseThesalonika 3:10).

UTim Challies, enikezela umbono ongokweBhayibheli ngezikhondlakhondla kwezemibukiso ezinjengoNetflix wanikezela lenkulumo njengenkulumo yokuguqulwa kwengqondo yoMkrestu ngomsebenzi nokuphumula:

Simelwe sibambelele ngokungachezuki kulokho esikukholwa ngesiqiniseko ukuthi umsebenzi, hhayi ukuzijabulisa, yiyonanjongo yempilo. Ukukholwa kuJesu akusiphoqi ukuba sisebenze khona sizophumula, kodwa ukuba siphumule ukuze sizosebenza.

Tim Challies, “Netflix’s Biggest Competitor”accessed 29 April 2019.

IPhuzu yileli. NjengaMakrestu sinelungelo lekhethelo ukuqonda ibhalansi phakathi kokusebenza nokuphumula. Umsebenzi ngokungokwawo awusiyona into embi esiyenzela nje ukuthola amandla “nelungelo”lokuphumula. Kunalokho, siphumula ngokwanele ukuze sizoba nekhono, sithembeke, futhi sijabule emsebenzini wethu. Ngisho neNkosi yethu uJesu, esikhathini engumuntu, wayekujwayele ukuphumula—kodwa kwakungewona nje umsebenzi owenziwe ngaphandle kokucabanga wokuzijabulisa njalo. Kunalokho, ukuphumula kwakwenziwe ngenhloso ngokwesilanginiso somsebenzi ayesewenzile.

Asisebenzi ukuze sizokwazi ukuphumula kangcono, kodwa siyaphumula ukuze sizosebenza kangcono. Ngalenyondlela sizothola ukugculiseka kakhulu ekwenzeni umsebenzi wethu, futhi ukuphumula kwethu sizokwenza ngenhloso nangokuhleka.