Abaningi bethu banokwakhela kakhulu kwizinto ezibabazisayo, eziwubukhazikhazi nezingajwayelekile. Siyawathanda ama-movie lapho khona esikhathini esingaphansi kwamaminithi awu-90, umhlaba ungabhekana nomshophi bese sekuqhamuka ubuqhawe obuthile buzosindisa, noma lapho intombazane nomfana beqale bengabantu abangazani, bahlangane, bese bengena ebudlelwaneni bothando, babhekane nezinkinga,bahlukane, bazinqobe, bese bephinda bahlangane.Akekho umuntu ofuna ukuba ngobhorayo.

Kodwa impilo kwesinye isikhathi iyabhora. Kuke kuphele isikhathi eside kungekho ushintsho olumangazayo. Kulesikhathi sempilo esheshayo, yonke into isinakho ukuba nezinto ezingamangazi. Uzamcolo ngesikhathi sikaNowa indaba emangazayo kakhulu, kodwa kwamthatha iminyaka engama-120 uNowa ukwakha umkhumbi. UMose wabanezindatshana ezimangazayo ayengazixoxa, kodwa waqala waba neminyaka engama-80 ngaphambi kokuba kwenzeke konke. Iminyaka engamakhulu amane kungekho lutho olusha oluvelayo kuNkulunkulu, kusuka kwivesi lokugcina leTestamente Elidala kuya kwivesi lokuqala leTestamente Elisha. Kodwa khona kunjalo, kuzona izikhathi zezinto ezinganakekile, Amakrestu kumele avelele khona kunjalo. Eqinisweni, njengoMkrestu, ungazisebenzisa izinto ezingamangalisi uzisebenzisela impilo yoBukrestu.

Singakwenza kanjani ukuthi izinto ezingamangazi usizisebenzisele impilo yoBukrestu?

Okokuqala, ungabi ngophelelwa ngukulinda ezikhathini sesikhathi eside kungenzeki lutho ( 2 EkaPhethro 3:8-9). UNkulunkulu ngesineke Sakhe Ulungiselela icebo Lakhe elikhulu.

Okwesibili, ungesabi inhlekelele evelile ( 2 EkaPhethro 3:10-13). UNkulunkulu Nguyena olawulayo zonke izinto, uzolungisa yonke into Ekugcineni.

Okwesithathu, Sebenza kanzima ukuba ube gcwele manje ( 2 EkaPhethro 3:14). UNkulunkulu wazi yonke into ngempilo yakho, ngobugcwele bakho uzokunikezela ukuthula.