A testimony of counselling bad behaviour
Ngokubona kwami isikhathi esiningi kubukeka engathi kungcono ukungabhekani nokuziphatha okubi. Ihlazo lokuvuma ukuziphatha kabi kwethu, noma into esicabangela ukuthi izoba nomphumela ongemuhle kithina ngokubhekana nokuziphatha okubi kwabanye, ngokuvamile kuphathisana nekhanda elingapheli
Ngokombono ophokopheleyo, siyazi ukuthi simele sishintshe futhi sisizane ukuthi sishintshe. Siyazi ukuthi usizo lungcono kunokunganaki. Siyazi ukuthi ukusolwa okusobala kungcono kunothando olufihliwe. Siyazi ukuthi inhloso emsulwa ingcono kunokukhohlisa. Siyazi ukuthi kungcono ukukhuluma nalowo owonile kunokuhleba ngaye kwabanye. Siyazi ukubuyisa umngani kungcono kunokwenza izaba kumngani. Noma kunjalo, sincamela ukukufihla ukuziphatha okubi kunokuthi sikweluleke.
IHubo 32 ubufakazi bomuntu oseyekile ukufihla ukuziphatha kwakhe okubi, wabe esekudalula obala nangeqiniso kuSimakade. Ubufakazi bukaDavide buqala ngezwi elihle lesibusiso kulowo izono zakhe zifihliwe, kungekona ukufihla ngomqondo wokuzivikela, kodwa ukufihlwa ngomqondo wokuxolelwa nguNkulunkulu (Amahubo 32:1-2).
Ekuqaleni uDavide wazama ukufihla ukuziphatha okubi kwakhe, kodwa isisindo emoyeni wakhe sasingaphezulu kwamandla (Amahubo 32:3). Umphumela kwaba ukudangala okunzima kakhulu. Kodwa uDavide wayekela ukufihla izono zakhe, wabe esezazisa kuSimakade. Ukuxolelwa kwaba ngaso lesosikhathi (Amahubo 32:5)!
UDavide wasibhalela lokhu njenge sifundo sokuthi sikudalula kanjani ukuziphatha kabi kwethu, nanjengesifundo sokuthi uNkulunkulu uxolela kanjani, nanjengesibonelo esimelwe sisilandele (Amahubo 32:6-7). Uyazi kuthatha isikhathi ukuba sizehlise, ngakho ucabanga leliHubo ukuba libe yizwi lokululeka (Amahubo 32:8) kanye nezwi lokukhuza (Amahubo 32:9).
Ukukhetha ukuvuma ukuzi phatha kwakho okubi kungokwakho, ngakho ke cabangisisa kahle umphumela owushisekele (Amahubo 32:10). Uma uzodalula isono sakho, UNkulunkulu uzosifihla ngentethelelo. Ngakho, yize impilo yakho izogcwala imiphumela engemihle yokuziphatha kwakho okudlule, ungathokoza ngokulunga kusuka manje kuya phambili, futhi ungahamba ngobuqotho uthokoza ngesibindi ngaphansi kwezimo zonke.