Isihlabelelo Sezihlabelelo sikhuluma ngomshado ngokwendlela uNkulunkulu abeyihlosile ukuthi umshado ube ngayo. Lencwadi ingubufakazi obuvela kuNkulunkulu obumelene nokuhlanjalazwa komshado kulomhlaba.

Isihlabelelo Sezihlabelelo sibalula ubufakazi obune bomshado omuhle. Lezizinto ezine zichithwa izwe nokuholela emqondweni ongahambisani nomshado.

Ubufakazi bokuqala bomshado omuhle ubungani phakathi komyeni nomfazi (Isihlabelelo 5:16). Intshiseko yomyeni yokuba nomfazi wakhe, kanjalo neyomfazi yokuba nomyeni wakhe, intshiseko okuyiyo ehamba phambili emshadweni omuhle.

Ubufakazi besibili bomshado omuhle ukuvuleleka bokuthokozela umzimba womunye phakathi komyeni nomfazi. Lokhu kuvuleleka akukhulumi ngokwasesidlangalaleni, kodwa ukuvuleleka phakathi kwabo bobabili. Kwisahluko sesine seSihlabelelo Sezihlabelelo nakwesesikhombisa futhi, umyeni ukhuluma ngayo yonke ingxenye yomzimba yomfazi wakhe, ukuvuleleka komzimba wakhe yisona isizathu sokuvula inhliziyo yakhe. Kwisahluko 5, umfazi uyaphendula naye ngakho ukuvuleleka.

Ubufakazi besithathu bomshado omuhle ukungafaki abantu abaningi Phakathi kwendaba yabo. Akekho umuntu wesithathu oyingxenye yawo. Kukhulunywa kuphela ngo “mina… wena….thina” (Isihlabelelo 1:4a; 2:26; 6:3). Okungaphezu kwalokho kwaba ukunanela kwalabo abangeyona ingxenye yomshado kodwa abawubukela ngaphandle bewutusa umshado walaba ababili.

Lokhu kusiholela kubufakazi besine bomshado omuhle. Umshado omuhle udlulisa umyalezo esidlangalaleni. Thokozela umshado ekusithekeni, kodwa uncome esidlangalaleni. Abayeni namakhosikazi bayadelelana phambi kwabangani babo, kodwa umshado omuhle uyakwazi ukubonakale usekude ngenxa yendlela esezingeni eliphezulu indoda nomfazi abakhuluma ngayo omunye ngomunye kanye nangomshado wabo. Umshado omuhle uxazulula izinkinga zawo ngaphakathi kwabaluleki abayingcosana, kodwa uma kukhona into enhle ukuyisho ngawo umshado, lapho ke iningi yilona eliba izithameli. Enye yezinto ezisobala ngalokhu yilapho umfazi kwiSihlabelelo Sezihlabelelo 5:8 esebenzisa iningi ukutshela umyeni wakhe ngothando olukhulu analo ngaye.

Yenza umshado wakho uveze ubuhle lobo uNkulunkulu awudalele bona.