Incwadi Amahubo 119:68 iyaqinisa ngokungangabazi ukuthi uNkulunkulu muhle. Isiphetho  esingenakuma ngenye indlela naso esijulile ngokulinganayo sithi: uNkulunkulu wenza okuhle. Ayikho into uNkulunkulu asake ayenza embi, futhi ayikho into embi eyake yenziwa nguNkulunkulu.

Umuhle Wena futhi wenza okuhle.

Amahubo 119:68a

Njengoba iqiniso ngoNkulunkulu ngokuvamile kuyiyona into umhlaba ozoyithandabuza, uyiphike, uyizibe, uNkulunkulu, ngokobuhle Bakhe, usinikezele iZwi Lakhe ukuchaza indlela elihle ngayo leliqiniso Ngaye- kakhulukazi uma ungacabanga bonke ububi obugcwalisa izimpilo zethu. Amahubo 119:68 ngokuphelele asho lokhu:

Umuhle Wena futhi wenza okuhle.

Ngifundise izimiso zakho.

Amahubo 119:68


Ezwini likaNkulunkulu sifunda ngendlela okwabakuhle kakhulu ngayo(IGenesisi 1:31) lapho uNkulunkulu eseqedile ukudala izulu nomhlaba, kakhulukazi lomhlaba onabantu abasemfanekisweni Wakhe. Kwaseke, umuntu, ngokulekeleleka okulingayo kukaSathane, wafaka isono kulomhlaba. Kusukela lapho, kuningi kakhulu ububi osebukhona kulomhlaba, futhi yonke indlela obuziveza ngayo umnyombo wayo ungalandelelwa kuze kufike kwisono somuntu (KwabaseRoma 5:12).

Kodwa uNkulunkulu muhle futhi wenza okuhle. Ngeke ngisho nobubi bomuntu bunqobe ubuhle bukaNkulunkulu kulomhlaba. UJosefa waba nomqondo obanzi wokukwazi ukuthi abeke umbono nangempilo yakhe eyayinamagquma namathafa ngokubona ukuthi uNkulunkulu akagcini kuphela ngokwenza yonke into ibe yinhle kakhulu kungekho lapho ayisusela khona, kodwa ubuhle bukaNkulunkulu buyimvelo Kuye ngendlela yokuthi Ukwazi ngisho nokuphendula izenzo ezimbi zomuntu zibe zinhle.

Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu.

IGenesisi 50:20

Ubuhle bukaNkulunkulu buyinsika emiphefumulweni yalabo abakholwayo ukuthi ngezikhathi zobubi kulomhlaba, Yena muhle futhi wenza okuhle futhi singathola nokukuqonda lokhu konke ngeZwi Lakhe.

Futhi noma lomhlaba, ogcwele osathane,

ungalinga ukusidicilela phansi;

Ngeke sesabe, ngoba uNkulunkulu umisile ngentando Yakhe ukuba

Iqiniso Lakhe linqobe ngathi.

ingxenye yeculo elabhalwa nguMartin Luther elithi “A might fortress is our God”