“ Sesibadala thina asisenakukwazi ukuyenza lento” yiwona amazwi esengike ngawezwa kaningana aphikisana nenkulumo ethi “ Asifunde uMbhalo othile ndawonye size siwubambe ngekhanda!”

Uzokwazi kanjani ukuthi wenzeni ngemicabango yakho lapho ukukhathazeka kukunyonyobela ngesikhathi lapho iBhayibheli lakho lingekho eduzane? Noma ngisho kuthiwa iBhayibheli liseduzane ( njengakwibanga lokuvula uGoogle), yikuphi lapho uzophenqa ubheke khona?

Ukufunda uMbhalo uze uwubambe ngekhanda kunikezela wonke Amakhrestu ngempendulo yansuku zonke kwizinkinga zemiqondo , imiphefumulo, nomoya wethu.

Uma unomzuzu wokuthula lapho ungeke uphazamiseke khona, umqondo njalo ugxila kulokho okuba semqondweni isikhathi esiningi; kungakanani okusemqondweni wakho okulawulwa yizwi likaNkulunkulu?

Ukufunda ugcine emqondweni uMbhalo, kwimpilo yoBukhrestu kunjenganenqola ephetha imigodla uma usohambeni olude ( ikharaveni) —yonke into edingakalayo iba lapho phakathi, ihambe nawe yonke indawo lapho uyakhona, ngendlela yokuthi uma kuvela isidingo esithile, kuyampeqululwa kuqaqwe emgodleni bese kubakhona ukugculiseka nokuthokoza.

Kwi-website yebandla lethu kukhona ikhasi elikwaziyo ukuthi liprintwe liyisiqalo esihle kakhulu sokufunda ugcine uMbhalo emqondweni. Linamavesi angamashumi amabili, ewonke anikezela izimpendulo cishe kuzona zonke izinto ezithinta  izifundiso kunye nempilo yoBukhrestu. Kwesinye isikhathi siyadinga ukwazi amavesi athanda ukungacaci kahle kwiBhayibheli maqondana nezinto ezithanda ukuba nzima empilweni, kodwa kakhulukazi lamavesi angamashumi amabili azogcina wonke uMkhrestu ephephile kubafundisi bamanga, abagcine besendleleni ebheke kwimpilo enobunkulunkulu.

ungaliDowwnload-(a), bese uyaliprinta, uligoqe ngendlela othanda ngayo ukuze ukwazi ukuliphatha yonke indawo lapho uyakhona. Downloader lapha.