Uma sicabanga ngezidingo eziphuthumayo sicabanga amaphoyisa, ama-ambulensi, kanye nonogada abahlomile, nezinye izinto. Isizathu esenza sicabange ukuthi lezi izidingo eziphuthumayo ukuthi zonke sisuke sizidinga ngokuphuthuma, ngoba uma zike zabambezeleka noma kancane nje, imiphumela iba mibi. Uma i-ambulensi ingafikanga ngesikhathi, umuntu uyafa. Uma amaphoyisa engafikanga ngokushesha endaweni yesigameko, ubugebengu buba bukhulu. Uma onogada abahlomile bengafikanga ngesikhathi, bafika sesingekho isidingo sabo.

Zonke izidingo zika 9-1-1 kufanele zisheshe ngenxa yeqiniso lika 8-1-1,

Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi

UMshumayeli 8:11

Ubulungiswa buyisidingo esiphuthumayo ezweni eloniwe isono. Lokhu kuyiqiniso ezingeni lezinkantolo zezwe, kwehle kuze kube semakhaya. Bonke laba abayingxenye yokuklomelisa abenze kahle kanye nokugweba abenze okubi kufanele babuke ubulungiswa njengalokho okuzosindisa labo ababheke ekubhubheni.

Uma kushesha kubonakala okubi, futhi kulungiswa abasemagunyeni afanele, ilapho kuzobonakala kubakhona ukuthula ezweni, emiphakathini kanye nasemakhaya. Ubulungiswa buhlenga labo abenze okubi kuzona zonke izikhathi.