Uyazi ukuthi isithunzi sakho sifushane kanjani maphakathi nosuku, nokuthi silokhu siluleka lapho usuku luya ngasekupheleni. Lokhu kuyiqiniso nakwizindaba zikamoya. Maphakathi nezimpilo zethu kungezwakala engathi ukwesaba uNkulunkulu nokwenza lokho okulungile intwana nje encane. Kungenzeka ulingeke ngokuthi wesabe ababi ububi babo obubukeka bubukhulu kakhulu. Kodwa njengesithunzi sisincane maphakathi nosuku, bese siyangokululeka lize lishone ilanga, kanjalo ukumesaba uNkulunkulu kuzozifakazela qobolwakho lapho impilo yakho iya ngasekupheleni.

Umshumayeli 8:12-13 ungumthombo walesisithombe sesithunzi esincane siluleke size sibe side.

Noma isoni singona kaningi, siphile isikhathi eside, nokho ngiyazi ukuthi kuzobahambela kahle abamesabayo uNkulunkulu, ngoba bahamba ngokwesaba phambi kwakhe. Kodwa akuzukubahambela kahle ababi, izinsuku zabo zokuphila azizukweluleka njengethunzi, ngoba abahambi ngokwesaba phambi kukaNkulunkulu.

Umshumayeli 8:12-13

Ububi bungabukeka kuyibona obubusayo kulomzumzu, futhi bubukeke buthembisa impilo ende kulomhlaba. Kodwa ubungcwele bushiya isithunzi eside kakhulu. Ukumesaba uNkulunkulu nokwenza okulungile kuhlezi kungcono kunokuthi uhlanganyele nababi. Ngoba maduzane ilanga lizoshona empilweni yawo wonke umuntu, bese kuthi labo abamesabayo uNkulunkulu bazoqhubeka bame, bese njengesithunzi esifinyelela lapho kuphela khona amehlo, kanjalo ukukholwa kwabo kuNkulunkulu kuzobaholela kwimpilo yangunaphakade