Kuzona zonke izinto i-internet ezigcina ziyimfihlo ukuthi zingabisobala kowonke wonke, umuntu kuyaphoqeleka azibuze ukuthi kungenzakalani uma zonke izinto azenzayo kwi-internet zingavezwa obala emhlabeni wonke. Ngakube lowomcabanga ukushayisa namahloni, noma lesosehlakala singaveza ubufakazi bokuba msulwa kwakho?

Awuke ucabange uthi ukudlula kancane kwizinto ozenza kwi internet, uthi ukucabangisisa ngezinhloso zenhliziyo yakho? Ngakube ungashawa ngamahloni uma uNkulunkulu engavele akhanyise bese kuvela imicabango nezinhloso zenhliziyo yakho, noma kungafakazeleka ukulunga kwakho?

Ukukhanya nobumnyama izithombe ezigqamile ezisetshenziswa kuwo uMbhalo. Ukukhanya umbuso lapho iqiniso likhanyisa ngokucace bha, kuphilwa ngobunkulunkulu, ukulunga kuyaqhakaza. Ubumnyama umbuso lapho inkohliso yenza kungacaci lutho, izenzo zobubi yilapho zenziwa khona, nokona kuzwakala kumnandi.

UJesu wakhuluma ngokwahlulela ngokwendlela yokukhanya—ngakube lokhu kwahlulela kuzokulahla ngecala, noma kuzofakazela ukulunga kwakho? Ngakube imisebenzi yakho mibi noma yenziwa ngokwesaba uNkulunkulu?

Yilesi isehlulelo ukuthi ukukhanya kufikile emhlabeni, kodwa abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi. Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi, uyakuzonda ukukhanya; akezi ekukhunyeni, funa imisebenzi yakhe idaluleke. Kepha lowo owenza iqiniso, uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”

ngokukaJohane 3:19-21