Kuyiqiniso eseliphindaphindwe kaningi elimsulwa nelifakazelekayo ngokungananazi ukuthi “Akekho umuntu omsulwa!” nokuthi sonke “singabantu”. Kwesinye isikhathi sikhuluma ngaleloqiniso ngoba sizithethelela izenzo zethu ezisezingeni lokungabi msulwa. UJesu, kodwa ke, wasebenzisa leloqiniso ukusigqugquzela ukuba siphelele kwinkambo yethu yobunkulunkulu.
Kwincwadi ngokukaMathewu 5:43-48 uJesu usinikezela indawo esingaqala kuyo ukufinyelela ebungcweleni obuphelele. Uma ungathanda ukuba nobunkulunkulu obumsulwa, qala ngalokhu: Yiba muhle kuwowonke umuntu njengoba umuhle kwabanye.
“Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha Mina ngithi kini: thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi yini kanjalo nabathelisi na? Nalapho nibingelela abafowenu kuphela, yini ebalulekile eniyenzayo ngalokho na? Kanti abenzi yini kanjalo nabezizwe na? Yibani ngabapheleleyo, njengalokhu noYihlo wasezulwini uphelele.”
NgokukaMathewu 5:43-48
Iyiphi indlela ongaphendula ngayo imoto ezama ukukungenela ngaphambili bekungeyomfundisi wakho? Iyiphi indlela ongakhuluma ngayo kumuntu osefonini uma bekungu-mawakho lowo osebenza ecall-centre? Iyiphi indlela ongaphendula ngayo kwinkulumo ekubhinqayo uma ibishiwo ngumngani wakho omkhulu owawukhula naye kunokuba ishiwo ngumkakho ocikayo? Iyiphi indlela ongaphindaphinda ngayo isimo emqondweni wakho ukube lowomuntu olokhu ucabanga ngaye bekuwuJesu?
Uma ufisa ukuba ngophelele, hamba uphile impilo yakho yonke ngobumnene, nokumamatheka, nenhliziyo enhle konke lokhu okufanayo nalokho ongakwenza kulabo obathanda kakhulu. Yiba muhle kuwowonke umuntu njengoba umuhle kwabanye, lapho ke uzothi ukufana noNkulunkulu kakhudlwana kwimicabango nakwizenzo zakho.