U-Mphostoli uJohane akadumile ngokubhala ngendlela efinyeziwe noma eqonde ngqo ephuzwini. Kodwa kwivesi elilodwa uJohane usinikezela isithombe sempilo yasemhlabeni yonke kaJesu, iqoqwana lamagama asekuqaleni kwalelivesi ayakuchaza ukuzalwa kwakhe.
ULizwi waba ngumuntu,
wahlala phakathi kwethu.
Sabona inkazimulo yakhe,
inkazimulo yozelwe yedwa kuYise,
egcwele umusa neqiniso.NgokukaJohane 1:14
“ULizwi” — uJesu ungukudalula uNkulunkulu okwakukhona, Qobolwakhe enguNkulunkulu ngokugcwele (ngokukaJohane 1:1,18).
“waba ngumuntu” uLukha ulanda zonke izigameko, uJohane wambula ubunjalo, okungukuthi, Lowo OnguNkulunkulu, manje usengumuntu– ubuNkulunkulu ngokuphelele nokuba umuntu ngokuphelele.
ULizwi wabangumuntu
Dlinza ngalokho kuleliviki, ukhumbula impilo Yakhe yasemhlabeni, umsebenzi Wakhe wevangeli, ukufa Kwakhe, ukuvuka Kwakhe ekufeni, ukunyuselwa Kwakhe ezulwini, kanye nokubuya Kwakhe!