Into eyodwa wonke amadoda, kakhulukazi abesilisa abasebasha, abadinga ukuyifunda, bayazi, bayazise futhi bayenze; ukuba nengqondo kwimpilo yabo yonke.

Kanjalo bayale nabesilisa abasebasha ukuba babe ngabanengqondo.

Thithu 2:6

UAlbert Mohler ubhale incwanjana esihlokosayo sithi “ukukhula ekubeni uMfana ube yiNdoda- Izimpawu Zobudoda” lapho ekhuluma ngezinto eziningi zempilo lapho abesilisa abasebasha bedinga ukukwazi ukuba nengqondo. Nalu uhlu olususelwa kuyo lencwanjana.

1. Ukuba neNgqondo ngokoMoya ukuze Uzokhonza uNkulunkulu. Bheka iHubo 63 ukuthola incazelo ebanzi ngalolu hlobo lokuba nengqondo.

2. Ukuba neNgqondo Ngokungokwakho ukuze ukwazi ukuphila ngokucophelela. Sengathi uThithu 1:12 angangabi yiqiniso ngawe. Funda ukwenza izinto ngesilinganiso esifanele futhi ukhombise nokucabangisisa (kwabaseFiliphi 4:5).

3. Ukuba neNgqondo yokuSebenza bese uPhatha kahle Imali. Gqugquzelwa yincwadi yabaseThesalonika 4:11-12.

4. Ukuba neNgqondo ngakweZocansi Ukuzigcina Umsulwa. Londa ngokugxilile ukuhlaba kweZaga 7:21-27 emphefumulweni wakho

5. Ukuba neNgqondo ngokuziphatha kahle ukuze Uphile Ngokulungileyo. Engathi ukuphila ngobungcwele kwakho kungaba ngaphezulu kokuziphatha ngokobusha bakho; ungahlali umusha njalo ngokwengqondo (1Thimothewu 4:12).

6. Ukuba neNgqondo yokubuku ukwenzeka kwezinto emhlabeni ukuze wazi ukuthi yikuphi okubalulekile. Bhala ngokuhlelekile lokho okukholwa ngesiqiniseko okuthathisela kuMbhalo. Yiba nokuqonda ukuthi yikuphi uMbhalo othi kubalulekile empilweni. Guqula umqondo wakho ubemusha kwizihloko zonke zempilo (Roma 12:1-2)

7. Ukuba neNgqondo ngokobudlelwano ukuze Uzobazi futhi Ubahloniphe abanye. Umbhalo ukhuluma ngobudlelwano kwezomshado, ukuba umzali, ukusebenza, ngobuholi bezwe, abangani ngisho nangezitha ibhala. Yazi imiyalelo ngohlobo lobudlelwano ngalunye. Kodwa khumbula ukubamba wonke umqondo kaThithu 3:2.

8. Ukuba neNgqondo ngokuphila nabantu ukuze ukwazi ukudlala indima emphakathini. Yenza okuhle nokuwusizo kulabo abasondelene nawe (Thithu 3:8).

9. Ukuba neNgqondo ngokokukhuluma ukuze ukwazi Ukukhuluma ngendlela Eyakhayo. Lokhu kuchaza ukuyeka ukusho izinto ezithize ezivela emqondweni wakho, nokuqala usho izinto ezingcono (Efesu 4:29)

10. Ukuba neNgqondo ngokwesimilo ukuze ube Nokuthembeka. Ungalinge uphambane nonembeza, yenza izinto ngokuthembeka nangesibindi (Hebheru 13:18).

11. Ukuba neNgqondo ngokweBhayibheli ukuze ukwazi Ukwakha nokuVangela ngentshiseko. Ukuthunywa ukuyosebenza kubizwa kahle uma kuthiwa ukuthunywa ukuyokwenza umsebenzi (Mathewu 28:19-20). Hamba utshele abanye ngoKhristu, ubafundise neMibhalo.

Zinsizwa, yibani ngengqondo.

Bobaba, yibani yizibonelo zokuba ngengqondo, niqeqeshe nabafana benu ukuba nengqondo kanye namantombazane enu ukuba abe ngabangani nabesilisa abanengqondo.

Bomama, khulekelani ukuba abafana benu babe nengqondo, ngabe baneminyaka ewu-3 noma engama-33.

Bafundisi, gqugquzelani abaselisa abasebancane ukuba nengqondo.