Ukucabanga ujule kuwumkhuba woMzalwane kodwa sekuqhwangwe izinkolo eziningi zamanga. Ukucabanga ujule ngokokumiswa nguNkulunkulu kumelwe kusetshenziselwe into engcono kunokuthola impilo engcono nokuzithola wena. Yilokho odlinza ngakho okuyikona okubalulekile ukwehlukanisa phakathi kokudlinza koMzalwane weqiniso nokudlinza okuningi okusunguliwe esikhathini esiphila kusona.
Ukudlinza koMkrestu akukho ngokwenza ukuthi kuphume yonke into emqondweni wakho, ngokuba Amakrestu kufanele vele ehlezi enguqula imiqondo yawo ( KwabaseRoma 12:2). Ukudlinza kwaMakrestu akukho futhi ngokugxila kwizinto eziphathekayo njengokuphefumula, imizwa, nemisindo ekuzungezile nokukhanya. Ukucabanga ujule kwaMakrestu akugxilile futhi kwi-“energy”ekuzungezile, noma ukuxhumana nomoya okuthiwa “ama-higher power”.
Ukucabanga ujule koMkrestu kungeNcwadi nje kuphela – Isambulo sikaNkulunkulu asinikezele kubantu. Izwe lenza kahle ukufuna impumelelo ngokudlinza, kodwa kumelwe kube ngukudlinza kokubuyekeza amaqiniso oMbhalo kuqobolwakho ( Joshuwa 1:8; Amahubo 1:2-3). Umongo wokucabanga ujule, akusikho empeleni ngokuba nempilo engcono, kodwa, kunalokho, ukucabanga ujule kuwukubumba ngenhloso ukucabanga kwakho ukuba kwamukeleke kuNkulunkulu, ezingeni lemicabango. ( Amahubo 19:14).
Into ethokozisa kakhulu ngokudlinza kwaMakrestu ukuthi akudingi isikhathi esithile, noma indlela ethize yokuma noma kuhambelane nomkhuba othile. Kunalokho, ukudlinza kuyisenzo esihlezi simi ngomumo njengesenzo sokukhonza kwisikhathi sonke esivelayo ( Amahubo 63:6)
Mhlawumbe incazelo esobala yokuthi kuyini ukudlinza, itholakala kuMahubo 77:6 lapho Ohubayo ekhungathekile ngenxa yempilo bese ngakho ukudlinza athi “nomoya wami uyahlolisisa”. Ukudlinza yisenzo sokuhlola Imibhalo oyaziyo, ekhona emqondweni wakho ukuze ubheke incazelo yalokhu kuphila, uzeluleke wena, ukwazi nokuthola umhlahlandlela walokho okumele ukwenze.
Ngakho kubalulekile ukuthi siphinde sikuqinisekise ukuthi yilokho odlinza ngakho okuhlukanisa ukudlinza kweqiniso kwizinhlobo eziningi zokudlinza. Okuyiyona-yona into eyenziwe nguNkulunkulu, njengento ekumele sidlinze ngayo ngasosonke isikhathi Imibhalo (Amahubo 119:15, 48, 99), okuyisambulo sikaNkulunkulu ngemisebenzi Yakhe noBunjalo Bakhe kumuntu (Amahubo 145:5)
Umthetho wakho ngiwuthanda kakhulu! Ngidlinza ngawo usuku lonke.
Amahubo 119:97