Reaching out to those of other faith
Abazalwane abazelwe kabusha abakwazi ukungahlangani nabantu bezinye izinkolo. Ubuningi bezinye izinkolo ezisizungezile busibheke ngqo, kwesinye isikhathi kuba yinkulumo esibheke ngqo ezinhlamvini zamehlo, kwenyinkathi kubayinkulumo ebesingayilindelanga.
Kujwayelekile nakwamanye Amakhrestu ukugqugquzela izingxoxo ezivulelekile nabantu bezinye izinkolo. Nakuba kuzwakala kukuhle ekuqaleni, kwesinye isikhathi kwenza singakwazi ukukhuluma ngezindaba ezinhle ngoJesu owasithanda, wazinikela ngenxa yethu ukuze asihlenge kukho konke ukungalungi azihlambululele abantu abashisekela umsebenzi wakhe. (kuThithu 2:11-15)
Nazi izinsiza kusebenza ezincane zamaphuzu amahlanu olwazi okuvame ukuba labo bezinkolo zamanga kube yiwona abaphuma eceleni maqondana nokuqonda iQiniso. Yazi ukuthi uNkulunkulu utheni ngalezi zinto, uma uthola ithuba lokuxoxa nalabo abangakamazi uNkulunkulu weqiniso, yisa ingxoxo kulamaphuzu amahlanu ukuze nabo bakwazi ukuphunyuka basindiswe. ( 2 kuThimothewu 2:24-26)
Indlela ababuka ngayo Imibhalo
(Ingukukhuluma kukaNkulunkulu futhi Yanele)
- 2 KuThimothewu 3:16-17
- 2 KuPetru 1:19-21
Indlela ababuka ngayo uNkulunkulu
(uluThando futhi uLungile)
- NgokukaJohane 3:16
- KwabaseKolose 3:25
- 1 KaJohane 2:2
Indlela ababuka ngayo uJesu
(unguNkulunkulu, iNkosi noMsindisi)
- KwabaseKolose 2:9; kumaHeberu 1:3
- NgokukaMathewu 1:21
- KwabaseRoma 10:9
Uyibuka kanjani insindiso
(ingomusa ngokukholwa kuJesu Khristu kuphela)
- KuThithu 3:4-7
- Kwabase-Efesu 2:1-10
Indlela ababuka ngayo ukuthi kwenzakalani emva kokufa
(kukhona usuku olulodwa lokwahlulela, nokuthi abantu bayohlala ingunaphakade ezulwini noma esihogweni)
- KumaHebheru 9:27
- NgokukaMathewu 25:46
Uma bengakukholwa lokhu okungenhla, angeke bakwazi ukudumisa ngokweqiniso, ngokuba kungenzeka ukuthi uNkulunkulu uchazwe ngendlela engesiyo, noma bayahluleka ukwazi kahle ukuthi kuyini ukusindiswa. Ngalokho-ke, kulokhu okungenhla kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu utheni, ebese uyakumemezela kulabo abangakakwazi.