Akusibo bonke abantu abathanda ukugijima, kodwa uma kuphoqa ukuba kugijinywe, sonke sincamela okulula kunalokho okunzima. Uku-joga nabangani, emgaqweni oqondile, ufake izicathulo ezithofozelayo, futhi uthola nokunikezelwa amanzi kwizigaba ezingamamitha athile amafushane, lokhu ngokusobala kungcono kunokugijima okunzima kwindawo engumqansi, ehlathini elinameva, nenhlamvu yelanga ehlabayo, kungekho manzi, izicathulo ezigugile, kungekho muntu ogijima naye.
Kodwa, bonke labo abafisa ukuqeda umjaho kahle, bayazi ukuthi lapho kunzima ukugijima ngenkathi usazilolonga, yilapho umuntu esethubeni elihle lokuqeda umjaho kahle. Uku-joga nabangani kulula kwikhilimitha ngalinye, kodwa akekho oqeda i-marathon ngaleyondlela. Ama-Marathon aqedwa yilabo abakufundile ukugijima okunzima. Ukugijima okunzima kuyawuqeda umjaho.
Lokhu kuyiqiniso nakumjaho woBukhrestu wokuqeda kahle impilo.
Impilo elula ngokusobala ayisiyo indlela yokuqeda impilo kahle. Uma izinto zihamba kahle siyaphazamiseka kalula, eqinisweni, ngokugijima okulula abanye bachezukile ngokuphelele kumjaho woBukhrestu ( 2 kuThimothewu 4:10). Kungobunzima bomjaho lapho sikhumbula ukuthi sisemjahweni. Kungobuhlungu bomjaho lapho sikwazi ukugxilisa amehlo ethu entanjeni. Kungokuqapheliswa ngokuhluleka kwethu lapho siqiniswa nguNkulunkulu ukuba siqhubekele phambili.
Umbhali weHubo 119 wayekwamukele ukugijima okunzima. Wayesefundile ukuthakasela izinto zalempilo eziyenza ibenzima, ngoba wayesebonile ukuthi ngokubanzima kokugijima, kulapho kubalula ukuwina umjaho.
Ngingakahlupheki ngaduka,
kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.
Amahubo 119:67