Ukuhlanganyela kwaMakrestu kuyingxenye yezinto ezenziwa ibandla ejwayelekile, kusukela kwincwadi yeZenzo 2:42.

Bazinikela njalo esifundisweni sabaphostoli, ekuhlanganeni, ekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.

Ukuhlanganyela kwaMakrestu kuhlukile kunokuchitha isikhathi ndawonye naMakrestu. Amakrestu ajwayelana kalula, kodwa ukuhlanganyela kudinga ukufakwa kwamandla. Ukuhlanganyela kwaMakrestu kuwu kwabelana ngokomoya okusekeleke ekuhlanganyeleni ensindisweni ekuKhristu leyo Amakrestu ayinikezeliwe. Bheka lemisebenzi elandelayo yokuhlanganyela kwaMakrestu:

  • Yenza ngokudlulele okuhle komunye uma uthola ithuba (Galathiya 6:10)
  • Hlanganyela kukho ukufunisisa ubungcwele nomunye nomunye (Hebheru 3:12-14)
  • Yiba ngobambe iqhaza, ungabi isikhubekiso, ekwenzeni ukuthula ebandleni (2 Khorinte 13:11)
  • Shesha ulule isandla kwizidingo zenyama zabazalwane kubengathi uJesu nguye odingile (Mathewu 25:34-40)
  • Sebenzisa impahla noma ingcebo yakho yalelizwe ukwenza Amakrestu azizwe amukelekile empilweni yakho egameni lokukhonza okunothando ( 1 Phethro 4:9-10)

Kuningi okungabalwa , kodwa loluhlu lulungele ukukunikezela isiqalo sokuhlanganyela kwaMakrestu kweqiniso.

KwabaseFiliphi 1:9-11 banikezela uhlu lweziqhamu zokuhlanganyela kwaMakrestu njengo thando olukhulu, ulwazi olungcono, ukuqonda okukhulayo, izenzo ezikhulayo ebungcweleni, ukulindela ngokushisekela okukhulu ukubuya kukaJesu, ubufakazi obucacile bomsebenzi kaNkulunkulu; kanye nempumelelo eningi ekwenzeni ubukhulu bukaNkulunkulu baziwe.