Izinto ezimbi ziyenzeka. Kwesinye isikhathi izinto ezimbi ezenzekayo kusuke nje kuyimiphumela yezono esizenzile. Kwezinye izikhathi izinto ezimbi azihlangene ngokuqondile nento esiyenzile ngakube eyisono noma ewubuwula, kodwa kuba ngenxa yobubi bomunye. Beseke kubekhona izinto ezimbi ezenzeka ngenxa nje yokuthi siphila emhlabeni onesono lapho izinto ezimbi sezivamile ukuba zenzeke.  Ngemuva kobuhlungu nokulahlekelwa yithemba, sivame ukuzibuza ukuthi “kungani?!”. “Kungani lento yenzeke kumina?”

UNkulunkulu akasiniki lelo zinga lemininingwane eqondene ngqo nesimo uma esitshela ukuthi kungani izinto ezimbi zenzeka. Wambulile izimpendulo eziningi okungenzeka kube yizona, kodwa akasinikezeli impendulo ephathelene ngqo nesimo ngasinye. Uyafuna ukuba sazi ukuba Yena ubaphatha kanjani abantu ukuze singadangali, kodwa futhi eminye imininingwane akayambuli, ukuze sizokhula ekukholweni kwethu Kuye sikhule nasekulaleleni kulokho okwambuliwe.

Kwenyinkathi isizathu sokubhekana nezinhlupheko yingoba uNkulunkulu ubeka uSathane endaweni yakhe bese asebenzise thina njengobufakazi kuSathane ( njengakwindaba kaJobe- Jobe 1-2). Kwesinye isikhathi sibhekana nobunzima ngoba uNkulunkulu ulungiselela umbukiso wokuthi uluphendula kanjani usizi olukhulu alwenze lube ubuhle obukhulu ( njengakwindaba kaJosefa- UGenesisi 37-50). Kwezinye izikhathi uNkulunkulu usuke nje esibonisa thina (Jobe 38-41) noma abanye ( ngokukaJohane 9:1-3) ukuthi impilo iNgaye ayikho ngathi , nanokuthi siyadinga ukuba sikholwe Kuye futhi simuthobele ngokumlalela Yena kunokuba sibe nokuMungabaza nokuzidabukela thina ( njengoJobe ekugcineni) noma senze abanye isizathu sezinkinga zethu ( njengoquqaba kwindaba yeNdoda eyayingaboni kwincwadi ngokukaJohane 9). Beseke, kakhulukazi  kubazalwane, uNkulunkulu uyawasebenzisa amashwa alokhu kuphila njengengxenye yezinto zokubuyisa imiqondo yethu ekunakisiseni izinto zikamoya ukusenza ukuba sifane noJesu kwindlela esenza ngayo izinto kulempilo ( kwabaseRoma 8:28-31- ngisho nokufa kuyingxenye yakho lokhu, ngoba kumemezela ngesikhathi sokukhazimuliswa). Kwezinye izikhathi, ngqwa ngqwa, uNkulunkulu uyazisebenzisa izinhlupheko ukusijezisa ngenxa yenhliziyo yethu egcwele ukona nanjenge thuluzi lokusisondeza Kuye ( iNkosi uNebukhadinezari- uDaniyeli 4:37). Bese okokugcina, uNkulunkulu usebenzisa izinhlupheko, kakhulukazi ikusasa leli elingaziwa, ukusikhumbuza ukuthi asazi zonke izinto, kodwa izinto ezimbulelwe thina ( Imibhalo) yizona ekumele sizihluphe ngazo ( IDutheronomi 29:29)

Ngalezimpendulo zombuzo “Kungani?!”, sesingama ukuwubuza lombuzo, kunalokho sifune impendulo yombuzo othi “ngingaqhubeka kanjani?” ngoba lokho kwambuliwe ngokusobala, futhi impendulo yalapho inikezela ngethemba elikhulu kunempendulo yombuzo oqondeni nokuhlushwa thizeni othi “Kungani?”.

Masingakhathali ngukwenza okuhle, ngokuba siyovuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali. Ngakho-ke njengokuba sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.

kwabaseGalathiya 6:9-10