“Namhlanje ngidumele. Ngizobe ngingumzenzisi uma ngiya esontweni.”

Ukulahlekelwa yithemba kungumeluleki omubi wezinqumo zansuku zonke, kodwa noma kunjalo inkulumo efana nale engenhla iyinto eyinkolelo yaMakhrestu amaningi adonsa kanzima. “Angikwazi ukuthandaza njengamanje, ngithukuthele kabi, “Ngicela ungiyeke, angithandi ukukhuluma nawe okwamanje”, “Ngizophinde ngikuthande uma sengikuqondile ngempela´, “Angikwazi ukuya kwi-homegroup manje ebsuku; akufanele abantu bangibone ngikanje”, nezinye izinkulumo ezikanje zithathwa njengencazelo yokungakwenzi lokho okufanele kwenziwe. Ukuzithethelela maqondana nenkulumo ekanje kulula: asifuni ukuba ngabazenzisi. Siyazi ukuthi akufanele ukhuleke uma uthukuthele, akufanele ukuthi uthande uma kukhona ukucasuka, noma akufanele umoyizela ngesikhathi sokuphunga itiye emhlanganweni webandla ube ulila ngaphakathi.

Ngomzuzwana wokucabanga okulawulekayo kulula ukubona ubuwula obusobala benkulumo ekanjalo. Akusikona ukuhlaba esikhonkosini ngokwanele ukuchaza ukuzenzisa njengokuthi ukwenza into kodwa ube ungazizwa kanjalo noma ukuba yinto ongeyona ngalesosikhathi. Kunalokho, ukuzenzisa kuzoba ukutshela abanye ukuthi kuhle ukukhuleka ngisho kuthiwa awuzizwa kahle, kodwa wena ube ungakwenzi lokho. Kuwukuzenzisa ukuthi ibandla isibhedlela salabo ngokukamoya abagulayo nababuthaka, bese wena usebenzisa ubuthaka bakho bukamoya njengesizathu sokuhlala ekhaya ngeSonto.

Akulungile ngempela ukukhombisa uthando kumuntu kodwa ngaphakathi ube ubhubha ukumtthukuthelela ngaphakathi. Kodwa lapho inkinga akusikhona ukuzenzisa. Inkinga “ukubhubha ukumthukuthelela ngaphakathi”.

Asilungisi intukuthelo ngokuyeka ukukhuleka. Asinqobi inzondo ngokuthi siyeke ukukhombisa uthando. Asitholi ukukhuthazeka ngesikhathi sokubhekana nezinkinga ngokuthi siyeke ukuya esontweni. Kunalokho, kwisikhathi esilandelayo uma ungafuni ukwenza okufanele ngoba ungazizwa engathi ungakwenza, kwenze. Ukunganami kwakho noma imizwa yakho elawulwa yisono kungalungiseka masinyane nakangcono ngokwenza lokho okufanele kunokuthi ungenzi lokho okufanele.

Imizwa yethu iyizimpawu ezinhle zokusikhombisa ukuthi kukuphi lapho sikhona, kodwa ayisiyena umluleki omuhle wokuthi yikuphi okulandelayo okumele sikwenze. Kunalokho, themba ukuthi indlela kaNkulunkulu ihlezi kuyiyo elungile kakhulu, ngisho ungacabanga ukuthi lokhu kwanamhlanje kuhlukile. Uma uqhakambisa uNkulunkulu kwizenzo zakho zonke, lapho ke Uzosebenzisa sona lesosenzo ukusebenza imizwa, inhliziyo, nokucabanga kwakho. Ave sihlakaniphile ekukwazini ukusebenzisa u- “Angifuni ukuba umzenzisi”njengezaba zokungenzi lokho okulandelayo okufanele, kodwa uma simesaba uNkulunkulu, sizokwazi ukunqoba izaba ezingenawo umhlahlandlela, siyeke ukucabanga kwethu okubi, bese sibusiswa nguNkulunkulu ngokwenza kanjalo.

Leli yiqiniso eliyisisekelo  lapho yonke incwadi yeZaga yakheleke khona.

Thembela kuSimakade

ngayo yonke inhliziyo yakho,

unganciki kokwakho ukuqonda.

 Mazise Yena ezindleleni zakho zonke,

uyakuqondisa imikhondo yakho.

 Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho;

mesabe uSimakade, uqhele ebubini.

Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho,

nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.

IZaga 3:5-8