Thina esihlala neTestamente Elisha emakhaya ethu nasezinhlizweni zethu siyazi kahle indaba kaJesu. NeTestamente Elidala siyalazi kodwa ayi kahle hle. Kodwa, abaningi emlandweni womhlaba kwakumi ngenye indlela—babazi kahle kakhulu iTestamente Elidala. Ngakho, kubude bonke balendaba elandiswa la, zivumele ukulandela ukuhamba ngokulandelana kwesambulo sikaJesu Khristu. Beka eceleni, okwesikhashana, wonke amaqiniso amahle okwambulwa kukaJesu kwiTestamente Elisha.

KuGenesisi isahluko 1 no 2 sifunda ukuthi uNkulunkulu wayidala kanjani yonke into ngokuphelele.

Kwisahluko 3 sikaGenesisi, uAdamu noEva, abazali bawo wonke umuntu ophilayo, bona kuNkulunkulu. Esikhundleni sokubhujiswa ngalesosikhathi, uNkulunkulu waba khombisa umusa ngezindlela ezijulile. kuGenesisi 3:15 uNkulunkulu ukhuluma nowesifazane, wabe emuthembisa ukuthi ngelinye ilanga, inzalo yakhe iyakuwabhubhisa amandla kasathane, ilungise lomonakalo omkhulu isono sabo esiyobe siwenza kwinzalo yonke yabo.

Ngalesosikhathi, kwaqala ukulindela uMsindisi. Injabulo yensindiso yavutha amalangabi; izoya ngokulotha iphinde ikhule kulo iTestamente Elidala, kodwa ayinakukwazi ukuba icinywe. Suku lunye, uNkulunkulu uzakuqoka umuntu ukuba eze ukuzokwenza umsebenzi kamoya. Uyakuba engoshumayela ukuphenduka, eletha insindiso kwizoni.

Ngakube kuzoba uKhayini? Noma uAbela? Cha.

Ngakube uSethi nguye umsindisi? Cha, naye akasiye.

Kwahamba iminyaka ngeminyaka.

Owayengokhonza izithixo, uAbrahama akasiye owayengaba umsindisi, kodwa uNkulunkulu wamupha ukukholwa wabe esemuthembisa ukuba kuyakuvela enzalweni yakhe lesisibusiso soMsindisi kusizakale nezizwe zonke. Kodwa, akusiye uIsaka umntwana wakhe owazalwa ngokwesimangaliso, futhi akusiye uJakobe noma enye yamadodana akhe ayishuminambili. Kwahamba iminyaka eGibhithe kungekho okusha okuvelayo ngokufika koMsindisi. Kwase kwabizwa uMose—ungumsindisi wamaIsirayeli awakhipha eGibhithe, kodwa akasiye loMsindisi obulala amandla esono.

Yahamba iminyaka. Akukho okuvelayo.

Ukulindela kusaphila ezinhlizweni zabakholwayo, kodwa ngokungabibikho okusha okuvelayo ngoMsindisi, kwabukeka engathi kwasekusele ingcosona kumakholwa athembekile.

Kwase kugcotshwa umfanyana uDavide njengeNkosi kaIsirayeli- ekugcineni, mhlawumbe nguye lo! Kodwa, cha, ngoba wabonakala ehlulwa isono njengoba sahlula uAdamu no Eva. Kodwa yikhona la esithola khona okusha okuvelayo; uMsindisi uyakufika njengeNdodana kaDavide—ekugcineni kuyabongeka ukuthi okunye okusha kuvelile ngokufika koMsindisi.

Kodwa futhi, kwaphinda kwangabe kusababikho okuvelayo.

Njalo lapha nalaphaya kwakuvela umprofethi ethunywe nguNkulunkulu ukukhumbuza abantu ngokuza koMsindisi. UIzaya unikezela ulwazi olusha oluwusizo kakhulu ukukwazi ukumbona uMsindisi- uMsindisi ngeke abe nesimo esihle sokubukeka ngokomzimba, kodwa uyakube enguNkulunkulu Qobolwakhe, ezinikela njengomhlatshelo endaweni yethu. UIzaya ukhuluma ngoyakuza kuqala njengobikezelayo—oyakufika ngaphambi kokuba uMsindisi afike; oyofika ukuletha ukuyalezela kokugcina. UMprofethi uMalakhi nguye ophetha iTestamente Elidala ngokuyaleza kokugcina kwiTestamente Elidala. Ukuyaleza kwakhe kuyamangalisa. Ukuyaleza kwakhe kubuyisela ukuvutha komlilo ezinhlizweni zabathembekile. Ukulindela uMsindisi kwavuseleleka kakhulu ekupheleni kweTestamente Elidala.

Kwaseke, kuba yiminyaka engama-400 kungashiwo lutho. Lutho nhlobo. Iminyaka engama-400 phakathi kwe Testamente Elidala neTestamente Elisha, kwangavela ngisho noyedwa oshumayela ukuphenduka. Namunye umuntu owayeqokwe nguNkulunkulu ukwenza umsebenzi kamoya. Zonke izithembiso, konke ukulinda, konke ukuyaleza, konke kwabukeka kule kude. Ngakube uyoke afike uMsindisi?

Kwase ke, laqala iTestamente Elisha lapho kugcine khona Elidala—ngomlando wempilo kaJesu Khristu oqukethwe kwizincwadi ezi-4, uMsindisi wezoni obekukade elindelwe!