Righteous from inside out
Khona owake wathi sonke isenzo esiyisono umkhondo waso ungalandelelwa ufike kumcabango owodwa oyisono. Lokhu nje kuyindlela ebeka ngokuhlukile mazwi uMsindisi wethu awafundisa ( Makhu 7:20-23). Okulinganayo nalokho okuyiqiniso ngokufanayo ukuthi uma ungaba nemicabango elungile, ungabe uzisindise kwizenzo ezingalungile eziningi.
Amacebo abalungileyo angubulungiswa
Izaga12:5
Ubuhle bokuziphatha okuhle kuzuzeka ngokuzijwayeza imicabango elungile. Inamhlanje lidinga ukuthi wena uphathe kahle imicababngo yakho.