Emkhulekweni weNkosi uSolomoni ngesikhathi sekubikwa ithempeli likaSIMAKADE elalisanda kwakhiwa , uSolomoni wachaza kabanzi ukuba yini eyakha ukuphenduka kweqiniso. Kwincwadi 1 Amakhosi 8:46, kumbulwa ukuthi uSolomoni wayebona ukuthi uIsrayeli uzomona USIMAKADE. Lokhu okwakuzoletha ukwahlulelwa (v46). Kodwa, uma bephenduka ngokuvuma isono sabo (v47), babuyele ngokuphelele kuSIMAKADE (v48), bakhuleke kuSIMAKADE (v48), isono sabo siyakuxolelwa (v49). Lapho ke isono siletha ukwahlulelwa, ukuphenduka kona kuletha ukuxolelwa nozwelo. Ngokokwazi kukaSolomoni, ukuphenduka ukubona icala lakho phambi kukaNkulunkulu nokushiya ngokuphelele isono ngobunjalo babo bonke (ngengqondo nezenzo).
Isono sikaIsrayeli esasilendelwe yiNkosi uSolomoni senzeka ngesikhathi sikaJeremiya umphrofethi. kuJeremiya 3:21-4:4 USIMAKADE ukhuluma aphinde akhombise ukuthi ukuphenduka kweqiniso kumele kubukeke kanjani. Isono la, isono sokungabi nokuthemba (3:21). Ebabiza (3:22) uSIMAKADE uthembisa ukuphiliswa uma ‘bebuya” futhi ‘beze’ Kuye. Ukuphendula okuyikho kuyakuba umuzwa omkhulu wokuzisola (3:25), ukuvuma icala (3:25), nokuqagula ngqo isono sabo (3:25 ‘asilalelanga’). Enye ingxenye yokuphenduka okuphelele ukusilahla isono sabo (4:1) babuyele bazishaye isifuba ngoNkulunkulu (4:2)
Ukuphenduka kungaphezulu kokuzisola.