Kwesinye isikhathi kunzima ukwazi ukuthi uphendule uthini kumuntu ohlekisa ngokholo lwakho noma ethanda buza ubukhona noma umsebenzi kaNkulunkulu. Kungenzeka sizibone siyizilima ngokungabi namazwi esingawasho kuwo lowo mzuzu, futhi mhlawumbe sizizwe silahlwa ngunembeza ngenxa yokungakwazi ukusukumela lokho okuyiqiniso, ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi udlala indima ngazinsuku zonke empilweni.

Amahubo 115, lesahluko siyasisiza kancane kulokhu. Siqala ngevesi elisisa amehlo kithini nokuhluleka kwethu, lindonsele amehlo kuNkulunkulu ngomkhuleko wokuthi Yena Qobolwakhe azifakazele.

Bese ke, kuvesi 2, sekubhekwa lesisimo esingesihle esenziwa yilabo abahlala ngokuphika uNkulunkulu wethu.

Kodwa kuvesi 3  impendulo enhle iyanikezelwa. Uma ungake wenziwe inhlekisa ngamazwi athi “Uphi uNkulunkulu wakho?, batshele ukuthi Ukhona! “UNkulunkulu wethu useZulwini! Usendaweni ephakeme kakhulu kunawe. Usendaweni okukancane ukuthi wena wazi ngayo.”

Kodwa iyaqhubeka ngokukhomba kwizinhloso Zakhe uNkulunkulu. “UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda Kwakhe.”Lokhu kutshele laba abakwenza inhlekisa! Khomba esibhakabhakeni, bese ubatshela ukuthi uNkulunkulu useZulwini wenza nanoma yini Athanda ukuba ayenze. Ugcina kwayibona laba abahleka usulu bephila, ngoba Uyena ofuna kube njalo. Ubonisa ubuhle Bakhe nobulungiswa uma ethanda ngezindlela athanda Yena ukukukhombisa ngazo.

Futhi uma usafuna ukuqhubeka, uvesi 4 uqhathanisa okwenziwa nguNkulunkulu nalokho abakukhonzayo laba abahleka usulu. “UNkulunkulu wethu usezulwini, nina enikukhonzayo kunamathele la emhlabeni, futhi nje kuwumucabango osemiqondweni yenu.” UNkulunkulu wethu wenza konke Akuthandayo, owenu unkulunkulu akwenzayo kukalwa yilokho nina enikwenzayo noma enikucabangayo.

Ngamanye amazwi, uma ukukholwa kwakho kwenziwa ihlaya ngokusobala , nanoma yikuphi abangakusho noma bakucabange, uNkulunkulu usaseZulwini, usaziqhubekela enza lokho akuthandayo.

Masingafuni ukuvikela ukukholwa kwethu kuNkulunkulu ngaphezu kokuba sivikela uNkulunkulu esikholwa kuye. Akukho ngathi, ukuphinda amazwi ashiwo kuvesi 1, akukho ngathi, kodwa kungokuthi umhlaba kumele wazi ukuthi uNkulunkulu ukhona, nokuthi uyakhazimula, ugcwele uthando, futhi akukho okumvimbela ukwenza konke ngokuthanda Kwakhe.