Akulula empeleni ukuthi umuntu ahlukanise amalungelo abantu nokulunga, ngoba labo abangalungile bayawaziba amalungelo abanye abantu, labo abalungile bayawaphakamisa amalungelo abanye. Kodwa-ke, nomakunjalo kukhona umehluko okuyiwona obalulekile phakathi kokuphila impilo yokuphikelela ufune amalungelo omuntu, uma kuqhathaniswa nokuphila uphikelele ekufuneni ukulunga.
Ukuphikelela ufune amalungelo omunye yinto elungile (thanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena), kodwa ukubelesela ufune amalungelo akho kunesiqiniseko sokukhiqiza ukungalungi kwimicabango yakho bese kuba nomphumela okanjalo nakwizenzo zakho.
Ukuphikelela ubelesela ukulunga kuhlukile. Ukuphikelela ubelesele ukulunga okuvela kwabanye, lokho ngokwemvelo okuyiyo kunesidingo esakhele kukona sokufuna ngempoqo ukulunga nakuwe futhi. Ukulunga akusona nje isiphetho esihle, kodwa futhi kuyindlela yokwenza enhle yokufinyelela kusona lesosiphetho.
Umuntu angakwazi ukubelesela amalungelo akhe ngaso lesosikhathi azibe ngokuphelele amalungelo abanye. Kodwa ukuphikelela ubelesele ukulunga kudinga ukulunga. Ukulunga yitemu elisezingeni eliphezulu kakhulu ukuthi kungaba nesimo sokungapheleli. Ukubelesela ufuna ukulunga ngaphandle kokuthi nawe qobolwakho ulungile ngokufanelekile kubizwa ngokuzenzisa, ngoba kuphikisana qobo nencazelo yakho ukulunga.
Ngokungafani namalungelo abantu, ukulunga kunikezelwe incazelo nguNkulunkulu. Kunobuqotho negunya laphezulu eliyingxenye yokulunga. Ukulunga kumi ngokwezinga elingabalelwa izikhathi, elifanayo kumasikompilo wonke, lwento elungile iqhathaniswa nengalungile. Ukulunga kubhekana hhayi kuphela nalokho okudingayo kwabanye, kodwa nalokho okudinga wena ukwenzele abanye.
Kungakho Imithetho Eyishumi ibhalwe njengemithetho edinga ukulunga okufuze okukaNkulunkulu kuthina sonke, esikhundleni sokunikwa uhlu lwamalungelo abantu (IEksodusi 20:3-17). Kungakho uMbhalo udinga abantu ukuba babheke kuqala izinkinga zezono ezinhlizweni zabo kuqala ngaphambi kokwahlulela izenzo zabanye ( ngokukaMathewu 7:1-5). Kungakho Umthetho Omuhle wendlela yokuziphatha uthi “enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo” awuthi “yenza kwabanye njengoba benzile kuwena” ( ngokukaMathewu 7:12). Kungakho imithetho emibili emikhulu ithi “Thanda uNkulunkulu” futhi “Thanda umakhelwane”, awuthi “zithande wena” khona “uzothandwa” ( ngokukaMathewu 22:38-39). Yingakho inhloso ephezulu yempilo ichazwe ngokuka Nkulunkulu, hhayi ngokwabantu ( ngokukaMathewu 5:48; 1 ekaPhethro 1:16).
Bazalwane, phikelelelani nifune okwenu ukulunga ngaphezulu kokuba nibelesela amalungelo enu. Phokophelelani ekugcwaliseni imigomo yaphezulu ngaphezu kokuphokophelela ekufuneni izinto enibona engathi niyazidinga. Phila impilo ngendlela yokwenza lokho okuyisidingo ngaphezu kokuphila impilo yokufuna lokho okubona kufanele izinga lakho elithile. Vezani kubona bonke abantu ubukhulu bukaNkulunkulu ngaphezu kokuveza ukubaluleka kwenu. Phikelelani nifune ukulunga- kuqobolwenu, kanjalo nakwindlela enikubelesela ngayo nakwabanye futhi.