Getting up after a great loss

Izikhathi ezinhle empilweni yeNkosi uDavide zifundeka njengendantshana enhle engasentshenziselwa ukwelulekwa okuzangeBhayibheli. Lokho kungenxa yokuthi izikhathi ezinhle empilweni yeNkosi uDavide kwaku yilezo zikhathi ebhekene nezinkinga ezinkulu empilweni ngendlela emangalisayo futhi enobunkulunkulu.

Ezinye zezindatshana zempilo yeNkosi uDavide ezinhle ezisetshenziselwa  “ukwelulekwa okuzangeBhayibheli ” yile esivezela ukuthi wabhekana kanjani nokushonelwa ngothandiweyo wakhe. Ku2 Samuweli 12:15-24 sivezelwa indlela kaDavide eyisibonelo sokubhekana nezimo ezinzima zokushonelwa othandiweyo. Ifundeka njenge “ndatshana yokwelulekwa okuzangeBhayibheli” esingafunda kuyo noma ngabe izindlela ezenzeke ngayo izimo zethu ingathanda ukuhluka kancane.

Esezwile ngesifo esibi esiphethe ingane yakhe, uDavide masinyane uya eNkosini nobuhlungu obukhulu enhlizweni yakhe ( 1Samuweli 12:15-17). Isizathu salokhu sasisobala kakhulu: Wayazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu onomusa, okungenzeka anqume ukuvumela ingane iphile (1 Samuweli 12:22). Kodwa, ngokwecebo elihle lika Nkulunkulu ingane yashona. Masinyane esezwile uDavide ngokufa kwengane yakhe ezelwe, ukwenza kwakhe kwashintsha ngokuphelele. Wayekela ukudabuka, ukuzila, nokuthandaza, wabe esesukuma, wadla wabe esefundisa futhi. ( 1 Samuweli 12:18-23). Ngenxa yokuba uDavide wayeqonda kahle ukuthi kwenzakalani uma umuntu eseshonile, uDavide wasukuma ngemuva kokulahlekelwa okukhulu. Wayazi ukuthi ingane yakhe ngeke isabuya kuye, futhi wayazi ukuthi ngelinye ilanga yena qobo lwakhe uzoshona, ebese eyohlangana nomntwana wakhe.

uDavide akagcinanga nje ngokukwazi ukuziluleka ukuthi akwazi ukusukuma ngemuva kokulahlekelwa, kodwa wafuna nokuthi aduduze abanye abehlelwe ubuhlungu bokulahlekelwa ( 1Samuweli 12:24). Isiphetho esisithola kulengxenye yendatshana isiqiniseko ngothando lukaNkulunkulu ( 1 Samuweli 12:24-25).

Ngemuva kokulahlekelwa ngothandiweyo, kwesinye isikhathi sizilahla ngecala uma sisukumile saqhubeka nezimpilo zethu. Kwesinye isikhathi sizizwa engathi sidinga ukushiya ingxenye yenhliziyo yethu kulokho osekudlulile. Okwayizolo sekwenzekile, futhi sekudlulile. Akusekho okwayizolo. Kodwa okwakusasa kukhona. Ngenkathi impilo isakhona, uDavide wayekhuleka. Kodwa uma sekufike ukufa, uDavide ubhekane neqiniso lempilo, ngokulahlekelwa kwakhe okukhulu wafuna ukusukuma bese eqhubeka nempilo- kuyena ukuqhubeka nempilo kwakuwukududuza umama womntwana. Ngaphandle kokukhohlwa ukulahlekelwa, uDavide wasukuma waphila ngamathuba amasha alesosikhathi. Ngaleso sizathu, wakwazi ukuba ezwe uthando lukaNkulunkulu oluphathekayo ekuzalweni kukaSolomon ogama lakhe elinye ngu “Othandiweyo kaNkulunkulu”.