Mhlawumbe enye yamablogger enguMkrestu enogqozi nethembekile esikhathini sanamhlanje uTim Challies. Maduzane uke wabhala isiqeshana ngesihloko esithi uthando lomyeni analo ngomzimba womfazi wakhe ngemuva kokukhulelwa nokubeletha umntwana. Iphuzu lakhe lisekutheni uthando emshadweni likhuliswa ukuphila impilo ngokubambisana, lokho kubala ngisho ushintsho kwisiqu semizimba yethu ngenxa yokukhulelwa nokuzala abantwana.

Iqiniso ukuthi uthando lwasemshadweni lweqiniso impela lifaka phakathi konke ukushayeka esibhekana nakho kulomhlaba. Kuyiqiniso ukuthi uthando lokhuthanda imizimba yomunye nomunye emshadweni luyaqhubeka lube khona ngisho imizimba yenu isengeyikho lokho eyayiyikho ngaphambili.

Ngaphandle kwendaba exoxwa imizimba yethu egugayo, kunelinye iphuzu elinikezelwa uMbhalo ngokuthanda lowo oshande naye yize eseficwa ukuguga. UMbhalo uchaza uthando oluya ngalokho okubonayo kulowo oshade naye oluba khona emshadweni, njengothando lokuthanda umuntu qobo kanye nomzimba wakhe. Umzimba ungashintsha, kodwa ngoba umuntu qobo uhlezi efana, uthando lomzimba wakhe luhlezi luzoba khona yize umzimba uhlezi ushintshashintsha. Lokhu kuhluke kakhulu kunalokho okufundiswayo ngokwabantu okugcizelela umzimba womuntu kunomuntu womzimba noma umnikazi womzimba.

Ubufebe (okuwukuya ocansini ungashadile) kuwukushisekela umzimba ngaphezu komuntu qobo, kanti ukuhlanganiswa kwemizimba ngokocansi emshadweni kuwukushisekela umuntu kanye nomzimba wakhe

Kuwona wonke uMbhalo, ukukhonjiswa kothando ngokocansi kucaciswa ngokuzihlanganisa kuphela nalowo oshade naye. Ukuthanda umuntu qobo, lowo oshadene naye, yikona okuchaza uthando onalo ngisho nangomzimba wakhe, ngaphezu kokuba uthando onalo ngomzimba wakhe kube yilo oluchaza uthando onalo ngaye.

Yiwona umehluko oqhathaniswayo ekupheleni kweZaga 5. Ungathandi ucansi, ngoba lokho kuzokukubhubhisa. Kunalokho thokozela ucansi ngomzimba walowo enaganana naye nobabili nisenabasha (IZaga 5:15-20).

Kungenzeka usuke wafunda IsiHlabelelo Sezihlabelelo, wase ucabanga ukuthi kungenxa yokubukeka ukuthi uthando olukhonjiswayo kulencwadi luvuthe lubemnandi ngaloluhlobo. Kodwa uma uthatha ukubhekisisa, uthola uthando oluya ngokuthanda umuntu qobo lwakhe kuyilo oluchaza uthando kunokuba kube uthando lomzimba womuntu oluchaza uthando lomuntu qobo.

Izikhathi eziwu-26 kwiSihlabelelo, okuyilona igama elisentshenziswayo kakhulu ezibizana ngalo lezizithandana elithi”othandiweyo wami”. Babethandana qobo ngezindlela eziningi ezahlukene ngokokusho kwencwadi yeSihlabelelo, kungasho indlela leyo ebonakala isobala abayikhombisa ngokuthanda umzimba womunye. Kodwa lokho akuchazi ukuthi babenemizimba okuyiyo edingekayo othandweni. Kodwa kuchaza ukuthi babenothando oludingekayo othandweni- okuwuthando lokuthanda umuntu qobo.

Ingqikithi yeSihlabelelo Sezihlabelelo ilotshwe ngokusobala kulezahluko ( 2:16; 6:3; 7:10), kodwa futhi iyatholakala nakwizahluko eziphathelene nokuchazwa kwesiqu semizimba yabo. INkosikazi ayibanga nomqondo wokuthanda owayo umzimba, yayiwuthatha njengalowo ongenakho okuyengayo ( ISihlabelelo 1:6), kodwa umyeni nguye okhombise ukuwuthokozela ngokuphelele umzimba womfazi. Kwisahluko 4 umyeni ubheka umzimba womfazi wakhe bese echaza Ilunga ngalinye enikezela imininingwane ethize esebenzisa isingathekiso, kodwa buka udlule kumalunga omzimba nezingathekiso. Lencwadi iyinkondlo yothando evela kumyeni ibhekise kulowo amthandayo kakhulu.

Kuyinto efanayo nakwisahluko 5 lapho kuwumfazi ochaza uthando analo ngomzimba womyeni wakhe.

Ngakho umthanda kanjani lowo oshade naye uma umzimba wakhe usuficwa ukuguga? Ngendlela efanayo naleyo okwakumele umthande ngayo ngesikhathi nobabili nisebasha. Ujabulele umzimba walowo oshade naye, ngoba uwumzimba walowo oshade naye. Yebo, imizimba yethu egugayo ixoxa ngohambo lokubambisana, kanye nokubambisana ngokothando.