Siphila emhlabeni lapho impakamo nengcebo  sekuyikho okuyincazelo “yempilo enhle”. Kodwa, IZaga 16:18 ziyaqinisekisa ukuthi impakamo ayiholeli kokuhle, kodwa kwibhubhiso. Evesini elilandelayo, IZaga 16:19, zikhuluma ngelinye lamaqiniso atholakala kwincwadi yeZaga mayelana nokuthile o-“kungcono kunokunye”, ukuthi ukuthobeka nokuhlupheka kungcono kunengcebo nempakamo.

Beseke, ivesi elilandelayo linikezela ngomthombo wokuthola ubuhle obuthile kulempilo

 Oqaphela akukhulumayo ufumana okuhle,

ubusisiwe owethembela kuSimakade.

IZaga 16:20

Okuqukethwe yiZwi likaNkulunkulu akusiyona nje kuphela ingcebo yobuhle uma kuqhathaniswa nokuhlakanipha kwalapha emhlabeni, kodwa ukucabangisisa ngendlela yokuphila amaqiniso eZwi likaNkulunkulu kukhiqiza uhlobo lwezenzo ezilungile ezenza umuntu azwizwele ubuhle obuyisilinganiso esifanele kulomhlaba. Kungangakwenza udume, kodwa uyokwaziwa ngobuqotho bakho, nokuthembeka kwakho, nokuba neqiniso kwakho. Kungangakwenza ucebe, kodwa uyolala kangcono ebusuku. Kungangakulethela owakho umbuso, kodwa ikhaya lakho lizochichima ngothando nobumnene.

Thola ubuhle beZwi likaNkulunkulu. Buphile. Themba uNkulunkulu, yilapho ukubusiseka kuvela khona.