Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.Ningamniki uSathane indawo.
Kwabase-Efesu 4:26-27
Lelivesi selisetshenziswe izikhathi eziningi ukuthethelela ukuthukuthela okuyisono, empeleni lokhu qobolwakho kufanele kubeyinto eyenza abazalwane abathembekile bathukuthele!
Ngakube thina njengabantu sifanelwe yini ukuba sithukuthele?
Impendulo ithi “yebo, sifanelwe, futhi eqinisweni simelwe”, KODWA akufanele kubekhona ngisho inhlansana yesono ezinhlizweni zethu uma sithukuthela.
Indlela okuyiyona kuphela esingazi ngayo ukuthi lubukeka kanjani ulaka olulungile-ukuthukuthela okunganindiwe noma okungathintwanga isono nanoma ngayiphi indlela- leyondlela ukuthi sihlole izinto eziholela ukuthi uNkulunkulu ophelele ngandlela zonke athukuthele. Kuphela izenzo zikaNkulunkulu ongenasono ezingachaza ukuthi lubukeka kanjani ulaka oluphelele, olulungile, olunikezela uNkulunkulu udumo.
Ngakho ke, nalu uhlu olufushane lwezinto ezithukuthelisa uNkulunkulu.
UNkulunkulu uyathukuthela lapho izidalwa Zakhe zingalaleli imithetho Yakhe.
“Ngakhothama ngathi mbo phambi kukaSimakade njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; ngingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi ngenxa yesono senu enanone ngaso, nenza okubi emehlweni kaSimakade, namthukuthelisa.
Dutheronomi 9:18
UNkulunkulu uyathukuthela lapho izidalwa Zakhe zenza inkohlakalo bese zenza nabanye ukuthi bone.
“Njengoba ngakuphakamisa othulini, ngakwenza umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobhowamu, wenza abantu bami u-Israyeli ukuba bone, bangichukuluze, bavuse ulaka lwami ngenxa yezono zabo;
1 Amakhosi 16:2
UNkulunkulu uyathukuthela lapho izidalwa Zakhe zikhonza ezinye izinto ezidaliwe kunokukhonza uMdali- uNkulunkulu Qobolwakhe.
Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.“Kuyothi lapho sewuzele abantwana, nabo bazala ababo, senihlale isikhathi eside ezweni, bese nona, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise,
Dutheronomi 3:4-5
bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, owabakhipha eGibhithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungezile, babakhothamela, baluchukuluza ulaka lukaSimakade.
Abahluleli 2:12
UNkulunkulu uyathukuthela lapho umsebenzi Wakhe wenziwa inhlenkisa yizidalwa Zakhe.
Ngase ngikhuleka, ngithi: “Nkulunkulu wami, yizwa ukuthi basedelela kanjani, uyibuyisele kubo inhlambayabo, ubanikele babe njengempango ezweni lokuthunjwa. Ungabaxoleli izono zabo, necala labo ungalesuli phambi kwakho, ngokuba bakwedelele phambi kwabakhi.”
Nehemiya 4:4-5
Uma sikuhlanganisa konke: NgokweBhayibheli, kubukeka engathi ulaka okuyilo kuphela oluthokozisa uNkulunkulu ilolu:
- Ulaka ngenxa yezono zakho ozenze kuNkulunkulu Ongcwele.
- Ulaka ngenxa yokuthi udumo olungokaNkulunkulu lunikezelwe kwenye into ngaphandle kukaNkulunkulu.
- Ulaka ngenxa yokuthi ubunjalo bukaNkulunkulu, IZwi Lakhe kanye nezenzo Zakhe zishaywa indiva ngabantu.
Ngaphezu kwalokhu, thatha njengokubalulekile impela ukuhlakanipha kokuthi…
azini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela. Ngokuba ulaka lomuntu aluzuzi ukulunga kukaNkulunkulu
EkaJakobe 1:19-20
Asibhekeni impilo kakhudlwana ngokwendlela kaNkulunkulu, sithi ukwehlisa ekuyibhekini ngeyethu indlela!