Lowo owenza izinto zobukrestu akusho ukuthi unguMkrestu. Yize noma lowo onguMkrestu, ezozenza izinto zobukrestu. Lona umcabango obalulekile kuwona wonke umuntu owenza izinto zobukrestu. Zibuze lokhu, kuyona yonke imisebenzi yakho yobukrestu, kungani uyenza?
Kulula ukukhohliseka kulezizinto. Kungenzeka singaziqondi ngokuphelele ngisho nezinhloso zethu kwesinye isikhathi. Kungani wenza izinto eziningi zobukrestu? Uyazenza ngenxa yokuthi ukhuliswe kanjalo, noma mhlawumbe sekuyisijwayezi? Uyakwenza ngoba ‘kuwukulalela nje’ imiyalelo yeMibhalo? Uyakwenza ngoba ulahlwa unembeza noma ingcindezi evela kwabanye? Kungani wenza zonke lezizinto zobukrestu ozenzayo?
Okwamanje izinto esisagxile kuzo kule-devotional kusayilezo eziphambene. Amakrestu awachazwa ngalokho akwenzayo, kodwa ngalokho ayikho. Kwinkolo yobukrestu, ukwenza akusho ukuba uyileyonto, kodwa ukuba yileyento yikona okuhlezi kuchaza ukwenza, ngakhoke ukugcizelela okubaluleke kakhulu kukulokho oyikho. Ngakube unguMkrestu na?
Kwinkolo yobukrestu, ukwenza akusho ukuba uyileyonto, kodwa ukuba yileyento yikona njalo okuchaza ukwenza
Ukuphendula lokhu, asibheki kwimiyalelo yeBhayibheli nokuyenza kwethu, kodwa sibheka kwizenzo zikaNkulunkulu kanye nathi esingabamukela ukwenza Kwakhe. Ngakube uyaphila futhi uyazwela ngokukamoya (Kholose 2:13)? Ngakube izono zakho zixolelwe (Amahubo 32:1)? Ngakube uyakholwa ngokuqhubekayo (ngokukaJohane 3:16)? Ngakube ukukhanya kuyakuheha yini (ngokukaJohane 3:21)? Ngakube uyaguqulwa ukuba ufane noKrestu ( 2 Khorinte 3:18)?
Mhlawumbe umehluko owusizo phakathi kokwenza izinto zobukrestu nje nokuba nguye uMkrestu, ukucabanga ngokuqhathaniswa komthetho okhuluma ngesono kanye nomthetho kaMoya kwincwadi kwabaseRoma 8:1-11. Ngakube ugcina umthetho wenzela ukubhekisisa ukuthi ikuphi okwenzile nongakwenzanga, noma uhamba ngoMoya, ngalokho uthokozela ukungabibikho kokulahlwa kanye nokulunga okuphelelisiwe?
Ngakho-ke bazalwane, asinasikweletu kuyo inyama ukuba siphile ngayo. Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa noma kanjani, kodwa uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila. Bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo-ke bangabantwana bakaNkulunkulu, ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Abba, Baba!”
KwabaseRoma 8:12-15