Uzitshela ukuthi ungomunye, abanye bakutshelile ukuba ungomunye, noma kukhona omaziyo- umuntu owenzisisa ngokweqile uma enza izinto, ukusebenzisa ulimi lwe-pyschology, unesifo abathi iOCD (iOCD-ukuba nomcabango obeleselayo wokuthi noma sewenzisisile kodwa ngokwakho ubone ukuthi khona lapho kusashoda khona, ugcina ukwenza uhlezi ukhathazekile)
Akekho umuntu owenzisisayo zonke izinto azenzayo. Akusiyo imfihlo ukuthi ukuzibona ungumuntu owenzisisayo ngokudlulele kokuthize okuphathelene nempilo, kuwukuvuma ukuthi uyehluleka kakhulu kokunye empilweni (ngaleyendlela ubhidliza inkolelo yokuba umuntu owenzisisayo ngokudlulele kukona konke). Isibonelo, umuntu owenzisisayo uma kuziwa kwinhlanzeko ungohlulekayo ukuletha ukuthula emndenini. Umuntu owenzisisayo umakuza ekugcineni isikhathi uyahluleka uma sekuziwa ekubekezeleni. Umuntu owenzisisayo ukugcina kukhona ukuthula uvame ukuba necala lokutusa nalapho kungafanele khona. Kuningi esingaqhubeka sikubale.
Ukhona umyalo kuwo uMbhalo wokuba sibe ngaba “phelele”. KuMathewu 5:48 uJesu unikezela umyalo othi “Yibani ngabapheleleyo njengalokho noYihlo wasezulwini uphelele.” Kodwa lokhu akuhlobeni nalokhu osekwaziwa njengo kwenzisisa.
Yiliphike igama elingokoMbhalo elihlobeni “nokwenzisisa” njengoba sikuqonda thina? Yiliphi igama elingokoMbhalo elikhuthaza ukuphikelela kwimigomo ethile kwezinye izinto eziphathelene nempilo elibanga izinkinga eziningi kwezinye izinto eziphathelene nempilo?
Kukhona isisho esincane kwisahluko esidumile “isahluko sothando” okungenzeka siyisisho esilula esingokoMbhalo esichaza lokhu esikucabanga njengokwenzisisa. KwabaseKhorinte 13:5 kubhalwe ukuthi “uthando aluzifuneli okwalo”. Ukwenzisisa ngokwabantu akusilo kakhulukazi izinga eliwumgomo wokuthi iyiphi indlu ehlanzekile ngokuphelele noma ubani owenza into ethile ngokwenzisisa, ngaphezu kokuba kuwukuzifunela ngokuphikelela kwalowo owenzisisayo ukuba nendlu ehlanzekile noma ukuzifunela kwalowo owenzisisayo umphumela othize ozomgculisa. Ngaleyondlela, ukwenza okuphikisana nokwenzisisa akusikho ukwahluleka noma ukungakwazi ukwenza kodwa uthando noma intobeko.
ukwenza okuphikisana nokwenzisisa akusikho ukwahluleka noma ukungakwazi ukwenza kodwa uthando noma intobeko
Uthando lobuKrestu aluzifuneli okwalo, kodwa luthokoza ngezinga leqiniso lokwenzisisa likaBaba osezulwini
aluzifuneli okwalo;
1 KwabaseKhorinte 13:5
Intobeko kaJesu ichaza ukuba Akaphikelelanga ngokwenzisisa kokuphelela Kwakhe kobuNkulunkulu, kodwa wezela ukuzofela izoni.
Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKhristu uJesu, owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu. Kepha wazidela, wathatha isimo senceku, wazalwa waba ngumuntu, wabonakala enesimo somuntu..
KwabaseFiliphi 2:5-7
UMKrestu owenzisisayo uzoba yilowo owenzisisayo othandweni lobuKrestu. (kwangathi lokhu kungaba yiqiniso kithina sonke)
UMKrestu owenzisisayo uzoba yilowo owenzisisayo othandweni lobuKrestu.