Konke ukwesaba kungu kwesaba okukhulu—lokho kuyimvelo nje yokwesaba. Kodwa noma kunjalo, siyaqonda ukuthi okunye ukwesaba kukhulu ngendlela yokuthi kuyakwedlula okunye ukwesaba. Isibonelo, uma ubona iscabucabu endlini, ukwesaba izicabucabu kungenza ukuthi abantu bakubuke ngenye indlela (kodwa okwesikhashana) ngesikhathi umemeza kakhulu ngendlela eduma ezindlebeni zomakhelwane. Konke ukwesaba kuyasikhathaza ngamunye ngamunye wethu, kodwa kunokwesaba okwedlula konke okunye.
UJosefa wayekuqonda lokhu ngesikhathi etshela abafowabo ukuthi “Ningesabi, Kanti nginguNkulunkulu yini na? (Genesisi 50:19). Uyabona, abafowabo babemusaba ngenxa yamandla anawo ezepolitiki kanye namandla anawo ukukwazi ukuletha ubulungiswa ngenxa yobubi ababenza kuye. Kodwa uJosefa wayeqonda ukuthi uNkulunkulu okuNguye okumele makasatshwe. Akusikho kuphela ukuthi uNkulunkulu unamandla amakhulu kunoJosefa. Akusikho kuphela nokuthi uNkulunkulu angehlisela ubulungiswa ngenxa yobubi ababenza kuJosefa kangcono kakhulu kunoJosefa. Kodwa uNkulunkulu angakwazi futhi ukwenza into ekungekho omunye ongakwazi ukuyenza—uNkulunkulu uyakwazi ukuguqula ububi babo bube ubuhle, okwakuyilo leli iphuzu likaJosefa. ( Genesisi 50:20).
Sisaba abantu ngenxa yobubi abangabenza. Sisaba izifo ezisabalala izwe lonke ngenxa yokugula, ukufa, nobuhlungu ezibulethayo. Sisaba iziphathimandla ngenxa yokungasebenzisa amandla abo ngokulunga. Kodwa uNkulunkulu simesaba ngendlela ehlukile kakhulu. Sesaba uNkulunkulu ngenxa yobuhle obungajwayelekile Angabenza.
Ukwesaba umuntu kuwugibe(IZaga 29:25), kodwa ukwesaba uSimakade kuwumthombo wokuphila (IZaga 14:27).
Ukwesaba izinto zasemhlabeni kuvame ukusenza sone, kodwa ukwesaba uNKulunkulu kuyasiphephisa (Eksodusi 20:20)
Ukwesaba isitha kuletha okukhulu ukukhathazeka, kodwa ukwesaba uSimakade kuletha isibindi nokukhuthazela (Dutheronomi 31:6)
Ukwesaba izimo ezingenaso isiqiniseko uma kufanele kuthathwe izinqumo kusenza siphendukele kulona lonke uhlobo lwezeluleko eziza ngokwemibono yabantu, kodwa ukumesaba uSimakade kusenza sihambe eqinisweni nango bungcwele. (IZaya 8:11-13)
Ukwesaba okuhambisana nokukhathazeka esinakho nsukuzonke kuyaphela uma sesaba Lowo Oqinisekisa ukuphepha kwethu ingunaphakade (Mathewu 10:28-33)
Konke ukwesaba kuzwakala kuwukwesaba okukhulu, kodwa eqinisweni kukodwa kuphela ukwesaba okukhulu, futhi kuletha izibusiso. Uma uSimakade engukwesaba kwethu okukhulu, konke okunye ukwesaba kuyalawulwa kubuyele endaweni yakho okuyifanele.