Sekusele amahora angama-36 ukuba uJesu akhaphelwe, wathatha lolusuku olugcwele ukwenza inkonzo yokushumayela iVangeli. ULwesithathu weViki lokuBethelwa Kwakhe ugcwele isifundiso ngokukholwa, ubuNkulunkulu Bakhe, kanye nokuvikela iQiniso ephendula labo ababe ngabagxekayo. Leli yithuba lokugcina lokucacisa iVangeli kubantu.

UJesu ufundisa isifundo ngokukholwa esisusela kwisihlahla somkhiwane esasesibunile
Mathewu 21:19-22; Makhu 11:20-26*

Ngakusasa ekuseni badlula bawubona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni.UPhethro ekhumbula okwakwenzekile, wathi kuJesu: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.”UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu.“Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Zimbuka uphonseke olwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuzokwenzeka, uyakukwenzelwa lokho. Ngakho-ke ngithi kini: konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho. Uma futhi nimi nikhuleka, thethelelanani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu. Kepha uma nina ningathethelelani, noYihlo osezulwini akayukunithethelela iziphambeko zenu.”

UJesu ushumayela iVangeli aphinde avikele igunya Lakhe
Mathewu 21:23-27; Makhu 11:27-33*; Lukha 20:1-8

Babuye babuyela eJerusalema, kwathi ehamba ethempelini, kweza kuye abaphristi abakhulu, izazimthetho namalunga, bathi kuye: “Lezi zinto uzenza ngagunya lini na? Ngubani okunike leli gunya ukuze wenze lokhu?” UJesu wathi kubo: “Ngizakunibuza igama libe linye vo, ningiphendule, ukuze nami nginitshele ukuthi ngenza lezi zinto ngagunya lini. Ukubhabhadisa kukaJohane ngabe kwakuvela ezulwini noma kubantu na? Ngiphenduleni.”Bahlanganisa amakhanda, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi: ‘Pho anikholwa ngani nguye na?’ Kepha uma sithi: ‘Kubantu’ ngeke kulunge.”Babesaba isixuku, ngokuba bonke abantu babethi uJohane ungumphrofethi impela. Base bemphendula uJesu bathi: “Asazi.”UJesu wayesethi kubo: “Nami ngeke nginitshele ukuthi ngenza lezi zinto ngagunya lini.”

UJesu usho imizekeliso emithathu ngobunjalo bokukholwa kanye nokulalela
Mathewu 21:28-22:14; Makhu 12:1-12*; Lukha 20:9-19

UJesu wayeseqala ukukhuluma kubo ngemizekeliso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda. Wasiqashisa kubalimi, wahamba waya kwelinye izwe. Ngesikhathi sokuvuna, wathumela inceku kubalimi ukuba ilande kubalimi izithelo zesivini. Bayibamba, bayishaya, bayibuyisela emuva ilambatha. Waphinda wathumela enye inceku kubo; yona bayilimaza ekhanda, futhi bayichapha ngenhlamba. Wabuye wathumela enye futhi; yona bayibulala nezinye eziningi. Ezinye bazishaya, ezinye bazibulala.“Kwase kusele umuntu oyedwa, indodana yakhe ethandekayo. Ekugcineni wathumela yona kubo, ethi: ‘Bazakuyihlonipha indodana yami.’

“Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, khona ifa kuzakuba ngelethu.’Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini.

“Uzakwenzenjani umninisivini na? Uzofika, ababhubhise labo balimi, isivini asiqashise kwabanye. Aniwufundanga yini lo mbhalo othi:

“ ‘Itshe abalinqabayo abakhi,

selaba yinhloko yegumbi.

Lona lavela eNkosini

liyisimangaliso emehlweni ethu’ na?”

Base beceba ukumbamba, kodwa besaba isixuku, ngokuba babazi ukuthi ukhulume ngalowo mzekeliso ewuqondise kubo. Base bemshiya, bahamba.

intshumayelo ongayilalela: ngokukaLukha 20:9-19 “Privileged Rebels”

itholakala ngesingisi kwikhasi laseLHBC

UJesu ubhekana nokuvivinywa yilabo abangabahleki bosulu
Mathewu 22:15-46; Makhu 12:13-37*; Lukha 20:20-44

Abanye babaFarisi nabalandeli bakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi. Bafika kuye, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, futhi awuzikhathazi ngokuthi abantu bathini. Ngokuba awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso. Ngabe kuvunyelwe yini ukuthela intela kuKhesari noma qha na? Sithele yini noma singatheli?” Kepha Yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu, ngiwubone.”Bawuletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?” Bathi kuye: “NgokaKhesari.” UJesu wathi kubo: “Nikani uKhesari okukaKhesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Bamangala ngaye. Kwase kufika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engenamntwana, umfowabo makamngene umkakhe, amvusele umfowabo abolibo. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa, owokuqala wathatha umfazi; wafa engashiyanga mntwana. Nowesibili wamthatha, naye wafa engazalanga mntwana, kanjalo nowesithathu. Abayisikhombisa bafa bengashiyanga mntwana; ekugcineni wafa nowesifazane. Ekuvukeni, mhla bevuswayo, uyakuba ngumkabani kubo, lokhu bonke abayisikhombisa ubengumkabo na?” UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na? Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa, anifundanga yini encwadini kaMose ngasesihlahleni sameva ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: ‘NginguNkulunkulu ka-Abhrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo, kodwa owabaphilayo. Niduke kakhulu.” Kwase kusondela kuJesu omunye wezazimthetho owayebezwile bebuzana, wabona ukuthi uJesu ubaphendule kahle, wambuza, wathi: “Yimuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?” UJesu waphendula wathi: “Owokuqala yilo othi: ‘Yizwa Israyeli, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye. 30Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo wonke amandla akho.’ Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunaleyo.”

Isazimthetho sasesithi kuJesu: “Yebo, Mfundisi lokhu okushilo kuyiqiniso kokuthi yinye iNkosi nokuthi ayikho enye ngaphandle kwayo. Ukuyithanda ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla wonke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kuyayedlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.” UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.” Akubange kusabakhona onesibindi sokumbuza.

Kwathi uJesu esafundisa ethempelini wabuza, wathi: “Zikusho kanjani izazimthetho ukuthi uKhristu uyiNdodana kaDavide na? UDavide luqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele, wathi:

“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:

“Hlala ngakwesokunene sami,

ngize ngibeke izitha zakho

phansi kwezinyawo zakho.” ’

“UDavide luqobo umbiza ngokuthi yiNkosi. Pho-ke uyindodana yakhe kanjani na?”

Isixuku esikhulu sasimlalele ngokujabula.

UJesu ubhekana nezixuku zababhinqayo
Mathewu 23:1-36; Makhu 12:38-40*; Lukha 20:45-47

Ngesikhathi efundisa, wathi: “Xwayani izazimthetho ezithanda ukuhamba zembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini, nezihlalo eziphambili emasinagogeni, nezindawo eziqavile emadilini, ezidla izindlu zabafelokazi, zithandaze isikhathi eside, zizenzisa. Laba bayakwemukeliswa ukulahlwa okukhulu.”

intshumayelo ongayilalela: ngokukaLukha 20:20-40 “Irrational Unbelievers”

itholakala ngesingisi kwikhasi laseLHBC

UJesu uyaphinda ukhalela abantu baseJerusalema
Mathewu 23:37-39*

“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaphrofethi, ubakhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi kangakanani ngilangazelela ukuqoqa abantwana bakho, ngibakhusele phansi kwamaphiko njengesikhukhukazi sikhusele amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga. Bhekani nje, indlu yenu enisele nayo, isisele dengwane. Ngokuba ngithi kini: anisayukubuye ningibone, nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”

UJesu ubhekisisa umkhonzi weqiniso eThempelini
Makhu 12:41-44*; Lukha 21:1-4

UJesu wayesehlala phansi, maqondana nomphongolo womnikelo, wayebuka ukuthi isixuku sinikela kanjani umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babenikela kakhulu. Kepha kwafika umfelokazi ompofu wanikela ngamafadingi amabili, okuyisitebela. Wayesebiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: lo mfelokazi ompofu unikele kakhulu kunabo bonke abanikele emphongolweni, ngokuba bonke bacaphune kokuningi abanakho banikela, kodwa lo mfelokazi ekusweleni kwakhe, unikele ngakho konke anakho, konke abephila ngakho.”

intshumayelo ongayilalela: ngokukaLukha 20:41-21:4 “Surface Religion”

itholakala ngesingisi kwikhasi laseLHBC

UJesu uyahamba ethempelini uya eNtabeni Yeminqumo ube esefundisa abafundi Bakhe ngomhla Wokuphela
Mathewu 24:1-25:46; Makhu 13:1-37*; Lukha 21:5-36

Kuthe lapho ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe, wathi kuye: “Mfundisi, ake ubheke ubuhle balawa matshe nobuhle balezi zakhiwo!” UJesu wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyukusala litshe phezu kwetshe elingayukudilizelwa phansi.” Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, maqondana nethempeli, uPhethro, uJakobe, uJohane, no-Andreya bambuza ngasese, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, nokuthi siyakuba yini isibonakaliso, nesikhathi okuyakufezeka ngaso konke lokhu na?” UJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani, funa kube khona onidukisayo. Kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi. Kepha nxa nizwa ngezimpi nemibiko ngezimpi, ningakhathazeki; kumele ukuba lokho kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki. Ngokuba isizwe siyakuvukela esinye isizwe, nombuso uvukele omunye umbuso. Kuyakuba nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona nendlala. Lokhu kuyakuba ngukuqala kwemihelo. “Ngakho-ke ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emikhandlwini, nishaywe emasinagogeni, nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo. 10Kepha ivangeli limelwe ukushumayelwa kuqala ezizweni zonke. 11Uma beniqhuba, benikhaphela, ningaqali nikhathazeke ngokuthi niyakuthini, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi kukhulumeni, ngokuba akunina enikhulumayo, kodwa nguMoya oNgcwele. “Khona umuntu uyakukhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Yebo, abantwana bayakubavukela abazali babo, bababulale. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa obekezelayo kuze kube sekupheleni, nguye oyakusindiswa. “Kepha uma nibona amanyala echithakele lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni, kuthi ophezu kwendlu angabe esehla, ukuba angene athathe okuthile endlini yakhe, nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kepha maye, kwabakhulelweyo nabancelisayo, ngalezo zinsuku!Khulekelani ukuthi kungabi sebusika. Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona kusukela ekuqaleni kwendalo, lapho uNkulunkulu edala konke okudaliweyo kuze kube manje, nolungayukubuye lube khona. Ukuba iNkosi ibingazifinyezanga lezo zinsuku, ngabe akusindiswanga muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha, yazifinyeza lezo zinsuku. Uma umuntu mumbe ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKhristu,’ noma athi: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze, uma kungenzeka, badukise abakhethiweyo. Kepha nina qaphelani; nginixwayisile ngalezi zinto.“Kodwa ngalezo zinsuku, selwedlule lolo sizi, ilanga liyakufiphazwa, inyanga ingakhanyi, izinkanyezi ezulwini ziyakuwa, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa. Khona-ke niyakubona iNdodana yomuntu iza emafini, inamandla amakhulu nenkazimulo. Kulapho-ke iyakuthumela izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.“Fundani emzekelisweni womkhiwane; nxa igatsha lawo selithamba, liveza amacembe, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, uma nibona kwenzeka lezi zinto, niyokwazi ukuthi iNdodana yomuntu isiseduze ngasemnyango.Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyukudlula, kungakenzeki konke lokhu.Kuyakudlula izulu nomhlaba, kodwa amazwi ami awayukudlula.“Kepha lolo lusuku nalelo hora akekho owazi utho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana; nguBaba kuphela. Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba nini. Kufana nomuntu owahamba waya kwelinye izwe, washiya indlu yakhe. Wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayeseyala umlindisango ukuba alinde.“Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi umnikazi wendlu uyakufika nini, noma kusihlwa, noma kwesikabhadakazi, noma ngokukhala kwezinkukhu noma ekuseni, funa afike ngokuzuma, anifumane nilele. Lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: ‘Lindani.’ ”

intshumayelo ongayilalela: ngokukaLukha 21:5-36 “Jesus Answers Questions About the End Times”

itholakala ngesingisi kwikhasi laseLHBC

UJudas uhlela ukukhaphela uJesu
Mathewu 26:1-16; Makhu 14:1-2, Makhu 14:10-11*; Lukha 21:37-22:6

UJuda Iskariyothe, ongomunye wabali-12, waya kubaphristi abakhulu ukuba akhaphele uJesu kubo. Sebekuzwile lokho bathokoza, bathembisa ukumnika imali. Wayesefuna ithuba elihle lokumkhaphela.

intshumayelo ongayilalela: ngokukaLukha 21:37-22:7 “Students, Sinners, Satan, Salvation

itholakala ngesingisi kwikhasi laseLHBC