Umshado uthola ukukhulunywa kabi okukhulu okuvela kubantu abaningi kakhulu. Lokhu kungenxa yokuthi isono sihlezi sibhekise imicibilisholo yaso yokonakalisa izinto ezinhle. Umshado ngosekujwayelekile uphathwa njengenye yezinto zasemhlabeni ezimbi ukuzilangazelela, uthathwa njengesizathu sokuthi ubalekele ukuba sekhaya ngokuthi uchithe isikhathi esiningi emsebenzini noma kwezemidlalo, ube nezindlela eziningi zokuyozijabulisa nabangani. Umshado usuwehliswe wabekwa ezingeni lokuba yinto yokuzigabisa komuntu njengosephumelele, noma yinto ekhombisa ukuthi usungokhulile okanye yinto esohlwini lwezinto ofisa ukuzenza empilweni. Umshado ngeshwa abaningi bangene kuwo bazizwe besejele ngenxa yokugodlelwa ithuba locansi noma bacindezelwe ngokungafanele egameni lokuthi abathobeke. Umshado ukhulunywa kabi esidlangalaleni bese ekusithekeni kudlinzwe kabi ngawo. Konke lokhu kwenzeka ngoba oyedwa, noma bobabili, abashadikazi abakwazi ukuphatha umshado ngendlela efanele.
Ungabanjani umshado ukuba ubungaphathwa ngendlela efanele? Ubudlelwano phakathi komyeni nenkosikazi bebungabanjani ukube bebenokuqonda okufanele ngomshado? Yimaphi amazwi ekumele afike kuqala ekhanda uma sifikelwa ukucabanga ngomshado?
Kukancane ukuba thina, ngisho nathi njengamakrestu, sicabange ngomshado ngokwamazwi iBhayibheli eliwanikezelayo ngomshado. Noma uma sinawo amazwi afanele, siwachazi ngokomqondo wesinye isahluko kunokuba siwachaze ngokomqondo wesahluko abhalwe kusona.
Isibonelo, uGenesisi 2:18 uthi umfazi ungu”Msizi” womyeni. Kodwa akusiye umsizi oyisigqila ngaphansi kombusi othile oyinhloko yombuso ( bheka u 1 Khorinte 11:3 noma Efesu 5:23). Kunalokho, njengokusho kukaGenesisi 2:18, lo-“Msizi” ungumngani wokuzonqoba isizungu.
Abase-Efesu 5:23 bakhuluma kumfazi ngokuba yinhloko komyeni wakhe. Ivesi elilandelayo (Efesu 5:24) liyalela umfazi ukuba “athobe” kumyeni wakhe njengoba ibandla lenza kuKhristu. Bese, sebebuya beze kumadoda, abase-Efesu 5:25 bayala indoda ukuba ithande umfazi wayo njengoKhristu ethanda ibandla. Lenkulumo ngenhloko akusikho ukunikezela igunya ngokwezikhundla, kodwa ukunakekela umfazi ngendlela yokuthi akhule ekulungeni ( Efesu 5:26-27) indlela yempatho enhle ( Efesu 5:29) phakathi komunye nomunye, engafuzile ngisho eyokuphatha amalunga omndeni wakho osendelene nawo (Efesu 5:31-32). Kwabase-Efesu 5:33 bagcizelela ukuthi lesisahluko asikho ngobuholi nokuholwa, kodwa kunalokho singempatho nenhlonipho eyakhelwe omunye ukuba ayisebenzise komunye.
1 Phethro 3:1-7 ugxile kubungcwele. Kakhulukazi ngaphansi komshando osesimweni esinzima, sebenzisa amazwi athi “ngifanelwe ukuba ngibe ngcwele ukuze kuzozuza engishadelwe naye”. Zuza oshade naye ngendlela oziphethe ngayo, ngobuqotho obubukeka kahle, nangomkhuleko. Lapho ke uzoba nomshado okukancane ukuhlalela ovalweni kodwa ube nokuqonda okukhulu.
Esinye isahluko ngomshado u 1 kwabaseKhorinte 7:1-5 esigxile kwizindaba zocansi emshadweni. Sinikezela amazwi kaGenesisi 2:25 ngokwesithombe esiphelele, siqinisekisa ukuthi noma umkhuleko nokuzithiba kufanele kube nendawo nesikhathi sakho, kodwa inkulu inkululeko ekuthokozisane ngokocansi uma umshado wenziwa ngendlela efanele.
Kodwa mhlawumbe isahluko esicace ngokwanele ngokuthi umshado ophethwe ngendlela efanele uzobukeka kanjani, ngokungamangazi, sitholakala kuMshumayeli.
Jabulela impilo nomkakho omthandayo, zonke izinsuku zempilo yakho eyize akunike yona phansi komthunzi welanga, ngoba yisona sabelo sempilo yakho emshikashikeni wakho owushikashika phansi komthunzi welanga.
UMshumayeli 9:9
UMshado ophethwe ngendlela efanele unjengomthombo wamanzi ogwadule, uyinto yonayodwa ephethe ubuhle bempilo phakathi kwezinto eziningi zempilo eziguquguqukayo.
Umshado ophethwe kahle uyintokozo yokubalekela kuyo phakathi kwezimo ezigqilazayo emhlabeni.
Ukuqedela umusho othi “uma ungaphatha umshado ngendlela efanele,..” kungakusiza ukuthi uthi “uma ungaphatha umshado ngendlela efanele, niyakube niphila impilo ndawonye”. Uyakube unomngani omuhle nasezikhathini ezinzima, kanye nophathina wezikhathi ezimnandi. Uyakukwazi ukuthanda ngokukhululekile, futhi uthandwe njalo. Uzohlezi uzikhulisa ekuphileni impilo engcwele ukuze kuzozuza lowo oshade naye. Uyakumkhulekela lowo oshade naye. Uyokwenza konke okusemandleni ukuthokozela ukuba ndawonye nalowo oshade naye, lokho kuyoba isixazululo kumshikashika onzima nokukhandleka kwalempiloUma ungaphatha umshado ngendlela efanele, uyakuba ngokhulile kubo ubungcwele futhi uyakuba nokujabulo okukhulile.