KumaHebheru isahluko 4 siyayalwa ukuba siqinisekise ukuthi impela Siyaya Ezulwini nokuthi singaligeji ngenxa yokungalaleli. Kuyinto ngesiqiniseko engenzeka, isizukulwane sonke samaIsrayeli asingenanga Ezweni Lesethembiso, yize noma sasinethemba lokungena, kodwa asizange singene ngenxa yokungalaleli.

Incwadi yamaHebheru isahluko 4 isiyala ukuba sikubone futhi sikunqobe kanjani konke ukungalaleli okukithina?

Ngakho-ke masikukhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngenxa yokulandela isibonelo sokungalaleli. Phela izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nganhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukaniswe umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha, lehlulela imicabango, nezizindlo zenhliziyo. Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.

KumaHebheru 4:11-13

Ikhambi elelapha ukungalaleli iBhayibheli. IZwi likaNkulunkulu lingabukeka njengento efile engenzi lutho uma lihleli emasholofini ligcwele izintuli, kodwa uma livulwa njalo lifundwa ngokukholwa, liyaziveza ukuba liyaphila kakhulu.

Njengenkemba ebukhali, Imibhalo iletha ukuzisola ngesiqiniseko ngezono zakho, ezidlule nezakusasa. Lenza kube khona ukuqwasha ngokulingwa ngesono ngaphambi kokuba isono size senziwe. Ngaleyondlela liphilile linamandla kakhulu kunezikhali zekhethelo zebutho lezempi.

Ngaphezu kwalokho, liyasika licubungule izinhliziyo zethu kangcono kakhulu kunodokotela abahlola inhliziyo. IBhayibheli lingena liye ngisho nase kujuleni- lidluli isikhumba, amamasela namathambo, lidlule izitho zomzimba eziyisixakaka, lifinyelele ngqo lapho imicabango nezizidlinzo kuhlala khona.

Bese ke, iZwi likaNkulunkulu livumbuke, ngqo ebukhoneni bukaNkulunkulu. Lapho ke izifiso zethu zambulwe. Izenzo zethu zibesobala. Izinhloso zethu zidalulwe.

Ikuleyondawo lapho ukungalaleli kunqandwa khona, bese kuqala ukulalela. Indlela yezoni inzima (IZaga 13:15), futhi lowo ofihla izono zakhe ekujuleni kwenhliziyo yakhe ngeke aphumelele, kodwa ozidalulayo obala ngokomsebenzi weZwi likaNkulunkulu, uzofumana umusa. ( IZaga 28:13).