1) BoBaba, zigcineni nivikelekile nina kanye nemindeni yenu ekuthandeni indlela yokuphila yalelilizwe.
KuHezekeli 14 umprofethi ucaphuna amagama azosinikezela isithombe ngokulunga okungenakusoleka yize kuphilwa ngaphansi kwezimo lapho ukukhohlakala kukuningi, lawomagama awakhethile uNowa, uDaniyeli kanye noJobe. Lawa ngamadoda azigcina evikelekile wona kunye nemindeni yawo ekuthandeni indlela yokuphila yalelizwe.
Angeke ukwazi ukuwukhipha umndeni wakho kulomhlaba, kodwa ungakwazi ukwenza umthelela wakho ezimpilweni zabo ube umthelela obafundisa ukucabanga ngendlela esukele kwiBhayibheli, ukuziphatha ngobuNkulunkulu, nempilo ehlanzekile yize kugcwele ububi kulomhlaba. UNowa kwakunguye kuphela ngezikhathi zakhe indoda uNkulunkulu ayithola ilungile emhlabeni. Ngakho wena uma unabangani abaphila ubungcwele ubusisekile ngaphezu kwakhe. Yena waqhubeka walalela uNkulunkulu ngisho kuthiwa umndeni wakhe kuphela owenza kanjalo. UDaniyeli wayenabangani abathathu nje kuphela abaphila ubungcwele, kodwa wayesebenza ngokuzimisela kakhulu emsebenzini wakhe njengomeluleki wezopolitiki kumadoda ambalwa ayengenabo ubunkulunkulu futhi ayekhohlakele. Akazange akushaye indiva ukukhuleka nokufunda iZwi likaNkulunkulu lokho okuvele kuchaza impilo yakhe. Kanjalo noJobe, ezungezwe abangani bakhe abakhulu abazama ukumenza ukuthi agcine ezinikele kukho ukucabanga njengabantu abangakholwa, ayekele ukucabanga njengalokhu uNkulunkulu ecabanga. Kodwa uJobe wazigcina, akangavumela ingcindezi yezwe imushintshe, ngisho kuthiwa leyongcindezi yayivela emzini wakhe uqobo.
2) Qhubekela ebungcweleni ngasosonke isikhathi
Incwadi ekaJakobe 5:11 isebenzisa uJobe njengesibonelo kithina. Lapha isibizela ekutheni sibekezele lapho sisabheka isihe nesihawu sikaNkulunkulu. Bekezela ekukholweni kwakho, cabanga ngendlela yeZwi njalo, ukuziphatha kwakho makube sobala, thembeka ekubeni umzali kubantwana bakho, yiba isibonelo ngomshado wakho, hlala njalo uyingxenye yempilo yomntwana awakho njengobaba. Uma kwenzeka uhluleka, khumbula isihawu sikaNkulunkulu. Uma kunzima, khumbula isihe sikaNkulunkulu. Vama ukuzithola unguqile phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, ucela isihe nesihawu Sakhe phezu kwakho nomndeni wakho. Yenza ngokusemandleni ukuvikela umkakho nabantwana kwizinto ezihlasimulisa umzimba zalelizwe nakwizilingo nobubi obugcwele emphakathini, kodwa babeke kwisihe nesihawu sikaNkulunkulu ngomkhuleko.
Bobaba, zigcineni nivikelekile, nina nemindeni yenu ekuthandeni indlela yokuphila yalelizwe, bekezelani ningaguquki ekuphileni impilo engcwele.