Kathathu encwadini kaDaniyeli 7 uNkulunkulu ubizwa “NgoMdala Wezinsuku”. Lesisisho sihlanganisa iphakade likaNkulunkulu esikhathini esesadlula kanye nokuhlakanipha Kwakhe okuphelele ukufaneleka ukwahlulela umhlaba.

Ngisabheka,

kwahlala omdala wezinsuku;

izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa,

izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo;

isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo,

amasondo aso engumlilo ovuthayo.

Umnonjana womlilo wavela,

waphuma phambi kwakhe;

izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza,

nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi

zazimi ngaphambi kwakhe;

kwahlala abahluleli,Izincwadi zavulwa.

Daniyeli 7:9-10

Daniyeli 7:9-10

Leligama liphinde liqinisekise ukuthi uNkulunkulu Nguye ophethe yonke imibuso esandleni sakhe aphinde anikezele umbuso waphakade kwizithunywa Zakhe ezikhethiwe.

“Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku, yasondezwa phambi kwakhe.Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa

Daniyeli 7:13-14

Lokhu kuyinduduzo enkulu kubangcwele. Omdala wezinsuku Nguye ozokwahlulela konke, ozobusa phezu kwemibuso yonke, futhi osebenzisa indima yakhe yokuba umahluleli kanye nokuba INkosi yokugcina ukubusisa abangcwele Bakhe.

Ngisabheka, lolo phondo lwalwa nabangcwele, lwabahlula, waze wafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke banikwa ukwahlulelwa, kwafika isikhathi sokuba umbuso ube ngowabangcwele.

Daniyeli 7:21-22

“Omdala wezinsuku” igama likaNkulunkulu eliphakeme nelihlukile, ngangokuthi lisetshenziswe kuMahubo noma amaculo ethu ayintandokazi!