Ukuzwa ngakhokonke okwenzakalayo emhlabeni akulethi amathemba amakhulu ngekusasa. Eqinisweni, abazali nalabo abasazoba ngabazali bayakhala ngekusasa elilindele izingane zabo kulomhlaba. Kodwa, ukuba nabantwana nokuba khulisa ekwesabeni uNkulunkulu yinto enhle ngokweMibhalo futhi iyatuswa kakhulu nguNkulunkulu. Amakholwa angacabanga kanjani ngokuletha imiphefumulo emisha emhlabeni ogcwele isono?
AmaHubo 127 yiyona impendulo. Iculo likaSolomoni, elilodwa kwangu-1005 abaluliwe ku-1 Amakhosi 4:32 ( ISihlabelelo Sezihlabelelo kuyilo elidume kakhulu, kodwa Amahubo 127 awakude kakhulu kumqhudelwano wokuduma!)
Ukufingqa IHubo 127, liqala ngesandla sikaSimakade ekukunikezelene impilo engcono nephephile kulomhlaba onzima futhi ongaphephile. Bese, ngokungalindelekile, ivesi lesithathu nelesine, nengxenye yokuqala kavesi 5 avumbuka ngentokozo ebabazekayo ngokutuswa okukhulu ngokuba nabantwana, yebo abaningi impela!ngandlela thile, yize, isihloko sokuletha abantwana emhlabeni sihlangana namaqiniso okungaphephi nobunzima bezimo zasemhlabeni, ngoba IHubo liphetha ngesibindi ubaba wabantwana abaningi anaso lapho ebhekane nalabo abamelene naye.
IHubo lokukhuphuka. ElikaSolomoni
Amahubo 127
Uma uSimakade engayakhi indlu,
basebenzela ize abayakhayo;
uma uSimakade engawuvikeli umuzi,
umlindi wawo uwuqaphelele ize.
Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni,
nephuze ukuphumula,
nidle isinkwa sezinhlupheko,
ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade,
isithelo sesibeletho singumklomelo.
Njengemicibisholo esandleni seqhawe,
banjalo abantwana bobusha.
Ibusisiwe indoda emgodla wayo
ugcwele bona,
abayukujabha lapho
bekhuluma nezitha zabo esangweni.
Iphuzu yileli. Uma ubhekene nezimo ezingathembisi nezingamile ndawonye zalomhlaba, kuyize leze ukukhathazeka ngakho konke. Sebenza kanzima ekwenzeni ikhaya lakho nomphakathi okuwo indawo engcono nephephile, kodwa themba iNkosi ukuletha impumelelo oyilangazelele nokuphepha. UNkulunkulu uletha ubusuku obugcwele ubuthongo kulabo abenza lokho okufanele bakwenze bese bethemba iNkosi ngemiphumela yezithelo ezinhle ezivele ngenxa yalowomsebenzi onzima.
Ngakho, kuwona wonke umsebenzi wakho wansuku zonke, yebo, ngisho nasesikhathi sokuba nezitha ezifuna impilo yakho, bheka ukuba nabantwana njengempendulo. Isibindi sakho phambi kwalabo abakusolayo kuyokuba abantwana bakho. Indlu egcwele abantwana iyisibusiso esivela eNkosini lapho umhlaba ubhekene nokubi. Sivame ukucabanga ukubavikela abantwana bethu kulobubunzima balomhlaba, kunalokho, uNkulunkulu usinikezela abantwana ukusibusisa kubona lobobunzima balomhlaba.
Khulekela abantwana. Bathande. Bakhulise ngokwesaba uNkulunkulu akukhathaleki izimo zalomhlaba zinjani. Sebenza kanzima ukwenza ikhaya lakho indawo engcono nephephile, bese uthemba iNkosi ukwenza konke kubekuhle ngesikhathi Sayo. (UMshumayeli 3:11)