Amahubo 140 awumfuziselo womkhuleko wothembekile lapho ebhekene nenqwaba yezindaba, ngisho nezenzeka kuyena, zabantu abanodlame abenza okubi.

Siyakhuleka ezikhathini zenkohlakalo, ngoba asisibona abangenalo ulwazi nabangafundisekile. Siyazi ukuthi baningi abantu abanodlame (amahubo 140:1), ukuthi bayahlela izindlela zabo ezimbi zoku zenzela inzuzo (Hubo 140:2, Hubo 140:4), Amazwi abo bawasebenzisela inkohlakalo (Hubo 140:3) futhi bakwenza konke ngokuziphakamisa nokuzigqaja (Hubo 140:5)

Kodwa asikhuleki kuNkulunkulu ngenxa nje kuphela yolwazi lwethu ngabantu abanodlame, kodwa siyakhuleka kuNkulunkulu ngenxa yolwazi lwethu Ngaye. UNkulunkulu unguNkulunkulu wethu (Hubo 140:6) oyizwayo imikhuleko yethu (Hubo 140:6). Wasivikela ngaphambili (Hubo 140:7), futhi Uyakwazi ukuvimba amacebo alabo ababi (Hubo 140:8) kuze kufike lapho kubhubha khona bona (Hubo 140:8-11). Siyazi ngokuqinisekile ukuba uNkulunkulu uzoletha ubulungiswa bokugcina nobuphelele (Hubo 140:12).

Lapho ulwazi lwethu ngabantu abakhohlakele luhlangana nolwazi ngoNkulunkulu, singamdumisa uNkulunkulu sibe sisalindele isiphetho esihle sakho konke (Hubo 140:13).