The effect of true spiritual warfare

Nakuba siphila sisenyameni, kasilwi ngokwenyama, 4 ngokuba izikhali esilwa ngazo akusizo ezenyama, kodwa ngoNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, zichithe imidlinzo emibi, 5nakho konke okujulileyo okuziphakamisayo ukuze kumelane nokumazi uNkulunkulu, kepha sithumba yonke imicabango ukuze ilalele uKhristu.

2 kwabaseKhorinte 10:3-5

Yize noma lamavesi engasiniki uhla “lwezikhali zempi” (lokho kubheka kwabase-Efesu 6), ayasikhombisa imiphumela yempi kamoya. Kulula kanjena, ukungena empini kamoya uma uhlolisisa futhi ulwisana nakho konke okuphikisana noNkulunkulu, nalapho ukulalela kubaluleke kakhulu kuwe okungangokuthi ufisa ukulalela uKristu ngisho nangendlela ocabanga ngayo.

Umzalwane onqobayo ngumzalwane owazi uNkulunkulu ngangokuba uyashesha ukubona into engamanga eshiwo ngoNkulunkulu. Futhi ulazi kahle izwi likaNkulunkulu ngendlela yokuthi ukwazi ukuphikisana aphinde alungise konke okungamanga abantu abakusho ngoNkulunkulu. Umzalwane onqobayo futhi ungumzalwane othanda uJesu okungangokuba ufisa ukumthokozisa kukho konke akwenzayo, hhayi ngokuveza isimo senkolo ngaphandle kuphela, kodwa nangemidlinzo yenhliziyo kanye nangendlela asevame ukucabanga ngayo osekuyikho okubusa impilo yakhe.

Lokhu kungaba umsebenzi omkhulu kanganani weqiniso nothando ongavezwa yiBandla uma impi kamoya ibingenziwa kanjena yibona bonke abazibiza ‘’ngamadoda kaNkulunkulu” abazisho ukuthi basebenzela uNkulunkulu! Kungaba umsebenzi omkhulu kangakanani weqiniso nothando ongavezwa yiBandla uma ngamunye ngamunye singabhekana nempi kamoya ngokusebenzisa lamavesi njenge mgomo wethu!