Omunye nomunye wethu unohlu lwezinto azilindele kuhulumeni wethu. Ezinye zezinto ezikuloluhlu kungaba ngisho izinto eziseMbhalweni uNkulunkulu azilindele ukuba zenziwe yibo ohulumeni. Kodwa Imibhalo iphinde ifake ohlwini lwezinto lezo uNkulunkulu azilindele kuMakrestu eziyindlela ekumele enze ngayo ukuphendula kwimithetho abayimeselwe ohulumeni babo.

Uhulumeni kungenzeka angaphili ngokwesaba uNkulunkulu aphinde angafezekisi lokho uNkulunkulu akulindele kuye, kodwa, thina njengaMakrestu, kusasifanele ukuba siqhubeke simesabe uNkulunkulu thina qobolwethu siphinde sifezekise lokho uNkulunkulu Akulindele kithina njengendlela ekumele sibe nobudlelwano ngayo nohulumeni. Sinomsebenzi ofanelekile kuNkulunkulu maqondana nohulumeni wethu.

IZaga 24:21-22 neZaga 20:2 zisibizela ekutheni sihloniphe uhulumeni wethu ngoba uyena ophethe umthetho namandla. Lokhu ngokuhlakaniphile kuyasiqwashisa maqondana nokuvukela umbuso nokungalaleli. Yisiwula kuphela esimelana namandla amakhulu kunaso.  ( bheka naku: uMshumayeli 8:2-34; kwabaseRoma 13:1-5; 1 ekaPhethro 2:13-17).

IZaga 23:1-3 neZaga 25:6-7 zisibizela ukuba sibe nomqondo ohluzekile kwindlela esibhekana ngayo nohulumeni. Kungabe kungesikhathi amaphoyisa ezemigwaqo ehlola izimoto nendlela yokushayela, kungabe uyekwihhovisi lomnyango wezasekhaya, kungabe uyekobhalisela ukuvota, noma usocingweni noSARS, ngokuchophelela zithobe kukona konke ukuxhumana kwakho nohulumeni.

IZaga 25:15 zisibizela ekutheni sihleleke. Sinelungelo elikhethekile lokuba novo nokuthi sivote, kodwa limelwe lengamelwe ubunkulunkulu obunomqondo ovuthiwe. Amakrestu akumelanga atholakale  ephakathi kwalabo abatelekayo nabalimaza impahla ngakube ekahulumeni noma ngekabani.  Akufanele  futhi sibe yilabo abasongela baphinde badicilele phansi izisebenzi zikahulumeni.

Dlinza ngalokhu, bese uphinde ubuye kusasa ukuzothola ezinye izinto okumele uzicabange maqondana nomsebenzi owumiselwe nguNkulunkulu ukuwenza kuhulumeni kungakhathaleki ukuthi yena yikuphi akwenzayo noma yikuphi angakwenzi.