NgokukaJohane 3:16 ivesi eselibe nedumela isikhathi eside kwiBhayibheli. Idumela lalo kungenzeka lingalethi ukungabi nandaba nalo, kodwa kungenzeka likwenze ungawuzwa umqondo walo noma likwenze ungafundiseki ngengqikithi yalo.

Ngakho-ke, njengalokhu senzile ngaphambili, ake siphende senze indlela ecophelelayo yokufunda iBhayibheli.

vv 1-2 Okwenzeka: Umfarisi (othanda inkolo, owaziyo kakhulu ngeTestamente Elidala) owabona ukuthi uJesu umfundisi onegunya elivelaku-Nkulunkulu, uza ukuzo khuluma naye

v.3 UJesu ubhekana ngqo nokuyiyona ingqikithi yokuzalwa kabusha, wagwema izindaba eziphazamisayo ezingenkolo

v.4 Ukuthanda inkolo akunandawo ekuphendukeni kweqiniso, ngoba abantu abathanda inkolo bona bazibona sebelungile

vv. 5-6 Ukuzalwa kabusha ubunjalo ngokoqobo bukamoya kanye nesiqalo esibalulekile kokungena embusweni kaNkulunkulu ( lokhu okubukeka kuyindida okukhuluma ngamanzi nangomoya eqinisweni kukhuluma ngokuhlanzwa ngokomoya okungokwangaphakathi, hhayi ngokugezwa ngokomzimba okuphathelene nemikhuba yezenkolo ayengakwenza uNikhodimu)

v.7 Ukuthi impilo entsha ngokomoya iyisidingo akumele kumangaze kulowo onolwazi olukhulu ngeTestamente Elidala (Bheka naku: Hezekeli 36:25-27)

v.8 Incazelo ngokwakha isithombe emqondweni ukwenzela ukusiza uMfarisi azi ngokucacile ukuthi ushintsho lwangaphakathi kumele lukhiqize ushintsho lwangaphandle. UMoya owenza ukuzalwa kabusha Uyiwona umthombo weqiniso wempilo yokulunga yeqiniso

vv. 9-15 Umuntu othanda inkolo kumele azi kangcono, kuJesu Khristu ngeke agcine ngokubona nokwazi kangcono, kodwa futhi uzokholwa abe nokuphila okuphakade (Bheka naku ngokukaJohane 1:9-12)

(vv.- 16-21 sekuyincazelo enikezela imininingwane yokuthi insindiso yeqiniso isebenza kanjani.)

v.16 UNkulunkulu ungumthombo wokuzalwa kabusha, okwenzeka ngoJesu INdodana Yakhe, kubo bonke abakholwayo

v.17 UNkulunkulu unguNkulunkulu osindisayo, isizathu sokufika kukaJesu kokuqala kwaku-ngukuzosindisa

v.18 Ukukholwa noma ukungakholwa maqondana neqiniso ngoJesu yikona okunquma ukuthi usindisiwe noma cha ( akusikona uthanda inkolo!)

vv. 19-20 Impendulo evela kumuntu ongazelwe kabusha kuzoba ukungakholwa ngenxa yothando lwenkohlakalo kanye nokusaba ukuvezwa obala.

v.21 Amakholwa eqiniso “enza lokho okuyiqiniso” (ayalalela) bese “eza ekukhanyeni” ( lithande iqiniso ngisho nalapho seliveza imisebenzi yakho) ukuze kuzoba khona ubufakazi bomsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa.

Ngakho ivesi ngokukaJohane 3:16 ngokufanele lingelinye elinedumela maqondana nokuvangela- kakhulukazi kulabo abathanda inkolo.

Ithemba ukuthi, lomsebenzi wokusiza ukukwazi ukufunda iBhayibheli uyayinika ingqikithi kaJohane 3:16. Umsebenzi osusele ukuthi wena uthathe uJohane 3:16, bese ubhala umusho omfushane ucacisa incazelo yegama ngalinye noma yeqoqwana lamagama kulelo nalelo vesi. Umphumela kuzoba ukwazi kabanzi ngalelo vesi, kube ukwazi okujulile ngalelovesi.