Marriage: A race in humility

Izwe lithi kubusisekile ukwamukela kunokupha, kodwa iBhayibheli ngokusobala lisho okuphikisana nalokho. Ihubo 68 likhombisa ukuthi uNkulunkulu Qobolwakhe unguNkulunkulu ophayo. Izenzo 20:35 ziyasikhumbuza ukuthi uJesu waqinisekisa iqiniso lokuthi kubusiseke kakhulu ukupha kunokwamukela.

Umshado uhlelwe ngehloso efanayo—ukusiholela endleleni ebusisekile yokupha ngaphezulu kokuba ssamukela.

Incwadi abase Efesu 5:25 iyala indoda ukuba izinikelele ngenxa yamkayo—hhayi kuphela ngomqondo wokunikelela impilo yakho ngenxa yakhe kwisimo esinobungozi, kodwa futhi ukuzinikelela ngenxa yakhe ekumenzeleni inkomishi yetiye ebusuku, noma inkomishi yekhofi yasekuseni.

Incwadi kwabaseEfesu 5 ibiza wonke umfazi ukuba anikezele indoda yakhe inhlonipho.

Incwadi 1 kwabaseKhorinte 7 intshela abashadikazi, ukuthi ngisho nakwinjabulo yangasese yomshado, ukuba bazinikele qobolwabo komunye kunokuthi omunye afune omunye ukuzigculisa yena.

Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani

KwabaseFiliphi2:3-4

Umshado uhlelwe ukusifundisa intobeko. Yenza yonke into emshadweni wakho ibe umjaho wokudlula omunye ngokuthobekile, lapho nizoba ngabashadikazi abajabule kakhulu abasake babakhona!