Alukho uhlobo lwesono uNkulunkulu angaluzondi. Ukusebenzisa imizimba yethu ngokungafanele akusali ngaphandle. Akazondi kuphela isono, kodwa nezoni uqobo lwazo (Amahubo 5:5)

Uma siqaphelisisa okushiwoyo ku 1 kwabaseKhorinte ukuthi:

“ngokuba izifebe, abakhonza izithombe, iziphingi, abahlobongayo, abaphangi, abalalanayo benobulili obufanayo, amasela, abanomona, izidakwa, abathuka inhlamba nabaphangi; abayukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”

1 kwabaseKhorinte 6:9-10

Lawa ngama bizomuntu. Amagama abiza umuntu ngaleyonto ayenzayo. Abantu abangabenza lokhu okubalwayo, yibo abangeke balidle ifa lombuso kaNkulunkulu. UNkulunkulu Nguye ozoqinisekisa ukuthi abantu abakanje  ababi sebukhoneni boBungcwele Bakhe. Akaqali ngoba sekumele babe phambi kwesihlalo sokwahlulelwa ukubazonda, kodwa inzondo ngabo uyayikhombisa besaphila. Isibonelo, uNkulunkulu wehlisela umlilo phezu kweSodoma neGomora ngenxa yabantu abalalanayo bengabobulili obufanayo (IGenesisi 19), kodwa ulaka Lwakhe akalwehlisi ngaphandle kokuba eqale wabekezelela ababi ebubini babo ukuze baphenduke ( 2 ekaPhethro 3:9).

Kodwa kunomusa kaNkulunkulu owenzelwa kuphela labo abaphendukayo, bavume izono zabo, bakholwe kuye. Bayaxolelwa konke ukungcola abakwenzayo nangemizimba yabo, bahlanzwe, benziwe balungele usuku lokuba phambi kweNkosi bengenakho ukusoleka.

Owesifazane owayeyisifebe igama lakhe uRahab ( Joshuwa 2:1), wayezinikele ekudayiseni ngomzimba, kodwa ngokuzwa ngemisibenzi yomusa namandla kaNkulunkulu…..  

Ngokuba sizwile ukuthi uSimakade wawomisa kanjani amanzi oLwandle Lomhlanga phambi kwenu lapho niphuma eGibhithe…. Sithe ukuba sizwe ngalokho izinhliziyo zangenwa yingebhe…..”

UJoshuwa 2:10-11

…yena wabe esekholwa ukuthi uNkulunkulu Yena yedwa uNguye uSimakade….

“ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu, unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi”

UJoshuwa 2:11

..wabe esenzelwa umusa wokuhlengeka empini eyayizongenisa eJerikho ngalezozinsuku (Joshuwa 2:12-13; 6:23), kodwa ngaphezulu kwalokho ukukholwa kwakhe ngesiqiniseko kuNkulunkulu kwamzuzela ukwamukeliswa ukuxolelwa kwezono, wahlanzwa, isabelo sakhe sasuswa kulabo abangaphandle kombuso kaNkulunkulu. Kanjani manje, ukungcola kwakhe? Kungavuka lowombuzo. Ukungcola kwakhe kwabalelwa kwisijeziso esehliselwa kuJesu, ukulunga kukaJesu kwabalelwa kuye lona owayeyisifebe, ngoJesu wakulungela ukuba sebukhoneni bukaNkulunkulu. Usebalwa kanye namaqhawe enkolo ( Hebheru 11:31), ngisho neNkosi uJesu ivela kwinzalo yakhe lona owayeyisigila mkhuba ( Mathewu 1:5)!

Nasezweni laseSodoma uNkulunkulu wayezimisele ukuthi uma kukhona nje abalishumi abalungile ehlisele umusa kulolonke izwe (IGenesisi 18:32), ngeshwa abadala nabancane, babengazimisele ukushiya  inkohlakalo yabo, badelela ingcebo yobumnene bukaNkulunkulu (kwabaseRoma 2:4), kwinkohlakalo yabo kugqame kakhulu leyo yokuzinikela kucansi ngokudlebelekile. Noma  bekhuzwa ukuze bezosinda kulaka lukaSimakade, kodwa badlubulundela (IGenesisi 19: 9-15, 24-25).

Ngakho akukhathaleki ucwile wabisha kangakanani kunanoma yiluphi uhlobo lokungcolo kokuzinikela nanoma yingayiphi indlela kwizono, nezocansi, okuwubufebe. Uma uphenduka ukholwa ngesiqiniseko kuJesu, njengoRahabi, uzofaneleka kuNkulunkulu manje! Konke ukungcola kwakho kubalwe kanye namahlazo iNkosi uJesu eyawafela esiphambanweni. Bese uNkulunkulu, angabe esakubuka ngokwezono zakho kodwa akubuke njengalowo ongasolekiyo nongena cala Kuye.

Njengamakholwa, sikhulilwe kubigqila balezizono, usuku nosuku siyahlanzwa kuzo. Masingazi nikizeli udumo nempakamo ngalokho. Kodwa masazise nabanye ngecala abalenzayo kuNkulunkulu ( 1 kwabaseKhorinte 6:9-10), usuku nosuku bezibekelela ulaka Lwakhe, bese kodwa sibakhombise umusa oza ngokukholwa kuJesu okhululani kwinkanuko yocansi nokudlebeleka kuyo lenkonzo, okunhlobo zonke.

Ukuze nabo, njenganathi bezokwamukela lokunambitheka okumnandi bamazwi omusa nengcebo yobumnene bukaNkulunkulu:

“Abanye benu babenjalo, kodwa senahlanzwa, nangcweliswa, nalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Khristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.”

1 kwabaseKhorinte 6:11