“Umzimba wami, ilungelo lami” isiqubulo lesi esenza umonakalo omkhulu kunokuba sikhuthaze ukulunga. Ziningi izinhlangano emhlabeni wonke ezikhuthaza abantu ngalesisiqubulo ngenhloso yokuthi zivikela amalungelo abanawo phezu kwemizimba yabo. Okungezwakala kuyinto enhle. Kodwa uma ubheka ngeso elibanzi, amaningi wamalungelo alwelwayo, ukuvumeleka ukuzibandakanya ocansini kwabantu bobulili obubodwa, ukulwela ukujola noma ukwenza ucansi ngaphandle komshado.  Uma uwabheka agqugquzela ukusebenzisa umzimba ngendlela engafanelekile ( 1 kwabaseKhorinte 6:13b). Lokhu ubuwula kwezihlakaniphi zasemhlabeni.

Thina njengabazalwane, Indlela yesibili, ekumele sicabange ngayo ukuze siphunyule singaphinde siwele ogibeni lokunikela imizimba ngendlela engafanele ocansini, yileyo engukuhlakanipha koMenzi wempilo. Inhloso noma isizathu esinqala uMenzi wempilo ayenzele umzimba nemizwa ekuyo nansi:

Umzimba …..ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba….”

1 kwabaseKhorinte 6:13b

Umzimba wakhelwe ubudlelwano obusendele kakhulu neNkosi. Lamazwi kumele uwafundisise, uvame futhi nokudlinza ngawo. Into esiyilibalayo ukuyicabanga ngemizimba nemizwa yayo, ile yokuthi, eqinisweni umzimba unomnikazi wawo, lowo akuwena, kodwa “ungoweNkosi”. UJesu Khristu nguye oyisishayamthetho nonamagunya onke phezu kwemizimba nemizwa esemzimbeni. Thina sisiselwe lemizimba. Umsebenzi wethu ukuphatha lemizimba ngokwemithetho yalowo ongumnikazi. Awunalo ilungelo okumele uziphe lona phezu komzimba nemizwa yakho yocansi. Kungubuhlakani bukasathane ukuthi “umzimba wami, ilungelo lami” (ekaJakobe 3:15). Awunalo ilungelo lokuzithathela izinqumo zokuthi umzimba nemizwa yocansi ukusebenzisa nini, kanjani, nobani. YiNkosi enqumile.

Umzimba uyimpahla ekungeyeNkosi, futhi iNkosi inezinhlelo ezinhle ngawo, futhi yiyo ehlelelwe ukunakekela imizimba yethu. Lokhu kucabanga kuyasiphuca amalungelo esesizinike wona phezu kokuthi siyinakekele kanjani imizimba yethu, siyigqokisa nganhloso-ni imizimba yethu, kanjalo siyibuke ngaliphi ihlo imizimba yabanye. Kusenza sincike kuphela kwimithetho yalowo onamagunya okunakekela imizimba yethu. Njengabantwana bakaNkulunkulu imizimba esiphathiswe yona ingamalunga omzimba kaKhristu ( 1 Khorinte 6:15). Kanjalo noNkulunkulu uMoya oNgcwele uhlala ngaphakathi kwayo lemizimba ( 1 Khorinte 6:19), izinhlelo zikaNkulunkulu uYise ukuthi lemizimba uyakuyivusa nalapho isifile ayenze ifaneleke ukuba sebukhoneni bobungcwele Bakhe ( 1 Khorinte 6:14). Ngakho siyinakekela sisasemhlabeni ngokwemiyalelo yalowo okunguye uMnakekeli osemagunyeni wonke, iNkosi yethu uJesu Khristu.

Abukho nobuncane ubudlelwano phakathi komzimba nobufebe, kodwa imizimba yethu inobudlelwano obusondele kakhulu noNkulunkulu uBaba, uNkulunkulu iNdodana, uNkulunkulu uMoya Ongcwele ( 1 Khorinte 6:14,15,19).

Nakhu ukucabanga, nokudlinza okuthobisa imizwa yemizimba esisiselwe yona ukuba ithobele ukusho kweNkosi uJesu. Lokhu yiko ekumele kube yisiqubulo sakho nalapho uhamba endleleni izilingo zibhidlangile, uhlezi endlini, ukhuluma nabantwana bakho:

Umzimba akusiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba.”

1 kwabaseKhorinte 6:13b