Kanjengokuba ukubophela inkunzi kanye nembongolo enenkani ngaphansi kwejoka elilodwa kungeke kwenze ukulima okuyimpumelelo, kanjalo inhlanganyelo phakathi kokholwayo nalowo ongakholwa ngeke kwakhe umsebenzi woBukrestu oyimpumelelo.
Ngelishwake nokho, lelivesi elikhuluma ngokungaboshelwa ejokeni linye kwakho nalowo ongakholwa livame ukusentshenziswa maqondana nezindawo eziningi eziphathelene nempilo ngaphandle nje kwalezozindawo ezihloswe nguNkulunkulu ngalo. Ngenxa nje yokuthi lelivesi lihlelwe ngendlela egcizelelayo nangendlela ngokusobala ekwenza wamukele okushiwoyo kalula, akuchazi ukuthi lingasetshenziswa ukwenza ngobuqili ukuhlanganyela kwizindawo uMbhalo okungezona okhuluma ngazo.
Nasi lesisahluko esikhuluma ngaso:
Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba ukulunga kunakuhlanganyela kuni nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? Unakuvumelana kuni uKhristu noBheliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na? Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na?
2 kwabaseKhorinte 6:14-16a
Impela lamazwi ayawuyenga umqondo, kodwa hlobuluni lokuhlanganyela USIMAKADE akunqabela Amakrestu na? ngakube okungokweBhizinisi? Ngokwe kontileka yoMsebenzi? Ngokwamaqoqo akoMakhelwane enza umsebenzi othize emphakathini? amakilabhu Ezemidlalo? amaqoqo aseSikoleni?
Amavesi u16 ukuya18 ayaqhubeka nomfanekiso walokhukwahlukana nezwe okuyikona uNkulunkulu akudingayo kubantu Bakhe. AmaIsrayeli eZweni leSethembiso kwakufanele azithibe kwizenzo zenkolo nezokujabula zasemazweni ayengomakhelwane ayebishe ntshi ekukhonzeni izithombe. Lona ngumfanekiso omuhle kakhulu wokuthi ukungahlanganyeli kwethu nabangakholwa kumele kube kanjani. Ngakho ke iyiphi indlela thina esingakwenza ngayo isenzo lokhukunqatshelwa okukuvesi 14, okubekwe ngokomfanekiso osobala lapha kumavesi u16 kuya ku18?
Qhubeka nje ufunde.
Bathandekayo, lokhu sinalezo zithembiso, masizihlambulule kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.
2 kwabaseKhorinte 7:1
Uma singazibopheli ejokeni linye nabangakholwa njengamaISrayeli ayengahlanganyeli nabakhonza izithombe, lokho kuyosho ukuthi nathi sinezithembiso ezifanayo nezabo zobukhona bukaNkulunkulu nezibusiso Zakhe. Lokhu kuhlukana uma sekubhekiswa ngakithina kumayelana nobungcwele. Kwinhliziyo yakho yilapho kumele makwenzeke khona lokhu kwahlukana. Ngokukhethekile, kwisahluko 2 kwabaseKhorinte 6 &7, uPawuli ulungisa udaba lokuthi abazalwane baseKhorinte base bewuhlamukile umsebenzi wokukhonza ababewamukele kubaPhostoli, bewuhlamuke ngoba sebethakasela indlela yokukhonza yalabo abakhonza izithombe kulelidolobha. UPawuli wenza isicelo la sokuthi, ukuze umsebenzi wokukhonza uzoba nomphumela omuhle, kumele bazibophele bona qobolwabo ejokeni ngokugxilile kubaPhostoli, bengabe besakuxuba ukukholwa kwabo nemikhubo yokukholwa yamasikompilo abo.
Yiba nobuhlakani ekunqumeni ukuthi ngubani ozokwenza naye ibhizinisi, ngubani ozosayina naye ikontileka, ngubani ozofundisa izingane zakho, nokuthi uzokwenza kanjani ukuthi ube umakhelwane omuhle, kodwa sebenzisa incwadi yeZaga ukwenza lokho ( isibonelo IZaga 22:24). Ungasebenzisi lamavesi esikhuluma ngawo. Lamavesi akhuluma ngodaba lwenhliziyo maqondana nokukhonza kwaMakrestu. Lamavesi akhuluma ngezinhliziyo zethu lapho silalela isikhulumi kuhlelo oluthile lwezinkulumo kumabonakude esikhundleni sokufunda iBhayibheli ukuze sikhuthazeke, lapho sigijimela kulabo abaluleka ngokwengqondo esikhundleni sokuya kuMzalwane ukwethula imithwalo yezinhliziyo zethu, lapho senza inkonzo ifane nezwe kunokuba kuguqulwe izwe libe yibandla.
Ungaboshelwa ejokeni linye nalabo abasebenzisa ngendlela engafanele iZwi likaNkulunkulu, umakoti kaKhristu, noma ukungcwelisa kukaMoya Ongcwele.