“ungayenza lento” amazwi ajwayelekile okukhuthaza ukuthi umuntu enze kahle asuka kuthisha ebhekiswe kumfundi esikoleni, kumbe umqeqeshi ewabhekise kumsubathi enkudleni yokugijima, noma asuka kumzali ewabhekise kumntwana ekhaya. Kungamazwi okukhuthaza avela kuMose esikhathini esegugile ewabhekise kubantu abadala ababesazuqhubeka baphile isikhathi eside ngemuva kwakhe.

Nelungelo elikhethekile lokuthola  ukufundiswa esikoleni,lifika nomsebenzi wokuqeda umsebenzi wesikole. Nelungelo elikhethekile lokuthola uqeqesho enkundleni yokugijima, lifika nomsebenzi wokuqeda umjaho. Nelungelo elikhethekile lokukhuliswa ekhaya lifika nomsebenzi wokuthi ukhule ngokomqondo. Nelungelo elikhethekile lokuthola izwi elivela kuNkulunkulu, lifika nomsebenzi wokuvula iZwi likaNkulunkulu bese siyalilalela ngokulithobela.

“Ngokuba lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe, awukude. Awukho ezulwini ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakukhuphuka ngenxa yethu aye ezulwini, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’ Futhi awuphesheya kolwandle ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakusiwelela aye phesheya kolwandle, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’ Kodwa, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze.

IDutheronomi 30:11-14

Ukulalela ngokuthobeka uNkulunkulu angeke kwenzeke ngaphandle kokwazi uNkulunkulu nanokuthi yini Ayidingayo kithina. Kungakho uNkulunkulu asinikezela iZwi Lakhe. Manje sesingamazi Yena bese simlalela ngokumthobela Yena. Yilungelo elikhethekile elifika nokukwazi ukuphumelelisa umsebenzi owumiselwe. UNkulunkulu ungcono kunothisha ophiwe kahle ukufundisa, ungcono kunomqeqeshi onomdlandla wokukhuthaza abanye, ungcono kunomzali owenza kahle kakhulu, ngakho uma ethi Yena “ukuba ulenze”, ngakho wufake lowomsebenzi wokulenza, ngoba iZwi Lakhe lingumyalelo ongelukhuni ukuba uwenze, liseduze kakhulu nawe ukuba ulenze ngakho “ Ungayenza lento”. Funda IZwi Lakhe, litshale ekujuleni komphefumulo wakho, bese uliphila ngentshiseko esobala.