Uma ufunda iTestamente Elidala kunesifundo esisobala ngohlobo Labantu uNkulunkulu Abakhethela uMbuso Wakhe. Kwisikompilo elalinikezela inhlonipho enkulu kumazibulo ( ingane yomfana endala), kwakumangaza kakhulu ngezikhathi lapho uNkulunkulu ekhetha omncane esikhundleni salowo omdala.

UEva wazala uKhayini kuqala, kwase kweza uAbela, kodwa uAbela wamukelwa nguNkulunkulu uKhayini wangemukelwa.

UAbrahama wathola uIshimayeli kuqala, kwase kweza uIsaka, kodwa u-Isaka nguye owayeyindodana yesethembiso.

U-Isaka waba namawele, u-Esawu wazalwa kuqala, uJakobe wazalwa kamuva, kodwa uJakobe nguye owagcina eba nelungelo lobuzibulo.

UJakobe wayenamadodana ayishumi nambili, kodwa kwaba uJosefa, owayengowesibili uma usuka ekugcineni kulaba abayishumi nambili, owathola isabelo esiphindiwe sefa eZweni Lesethembiso (Efrayimi no Manese). Nalapho futhi, lowo owayengomncane, uManese wathola isibusiso esikhulu sikamkhulu wakhe uJakobe. (IGenesisi 49)

U-Aroni wayengomdala kunoMose, kodwa uMose wayengumholi kaIsrayeli owayekhethwe nguNkulunkulu.

U-Davide wayengomncane kumadodana ayisishiyagalombili, kodwa wagcotshwa waba inkosi yakwa-Israyeli.

USolomoni wayengesilo izibulo likaDavide, kodwa nguye owathatha izintambo zobukhosi ngemuva kukayise.

Wonke amadoda okholo abalulekile emlandweni womhlaba awakhethwanga ngendlela abantu ababe ngakhetha ngayo. Lokho kuyiqiniso nakimina nakuwe.

Ngokuba bazalwane, khumbulani ukubizwa kwenu ukuthi kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, futhi kababaningi abayizikhulu.Kodwa izinto zobuwula zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba abajabhise ngazo abahlakaniphileyo. Kanjalo nezinto ezibuthakathaka zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba azijivaze ezinamandla.Izinto zezwe ezibukelwa phansi, izinto ezidelelwayo, nezinto ezingekho, uNkulunkulu wazikhetha, ukuba achithe ngazo ezikhona, ukuze kungabi bikho muntu ozigabisayo phambi kukaNkulunkulu.Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,ukuba kube njengalokhu kulotshiwe ukuthi.“Ozibongayo makazibonge eNkosini.”

1 KwabaseKhorinte 1:26-31

Khumbula ubizo lwakho, thobeka, zigqajeni eNkosini uNkulunkulu wenu!