UNkulunkulu akasiyekelelanga kukho ukungazi. Ngomusa nokuhlakanipha Kwakhe, Ufinyezile izindlela esingakwazi ukulazi ngazo Iqinis Ngaye. Ngokokusho koMbhalo, uNkulunkulu angazeka ngalokhu 1) Ngakho konke akudalile 2) ngeBhayibheli. Lokhu abafunda izifundo zeBhayibheli bakubiza nge”Sambulo esivamile” kanye “neSambulo esingavamile”.

Yize kokubili iBhayibheli (isambulo esingavamile) kanye nendalo yonke (isambulo esivamile) kunikezelwe nguNkulunkulu kubantu, kodwa yiBhayibheli ngokungokwalo kuphela eliqukethe igunya eliwunqamula juqu.

Isambulo esivamile sikaNkulunkulu kubantu asimi kodwa siyaqhubeka (Ihubo 19:2), asinamagama (Ihubo 19:3) futhi sisabalele kuwona wonke umhlaba (Ihubo 19:4). Isambulo esingavamile sifundisa lokhu: ubukhona bukaNkulunkulu njengonobuNkulunkulu, amandla Akhe kanye nenkazimulo Yakhe (Jobe 12:7-9; Ihubo 19:1; kwabaseRoma 1:20)

Ukugxila kwesambulo sikaNkulunkulu esingavamile akusabalele yonke indawo okuwukuthi umongo waso ungokuba umuntu kukaJesu (ngokukaJohane 1:1,14). Lesisambulo sambulwa nguNkulunkulu kwingcosana yabantu abakhethiwe. Bese kuthi ukukhuluma nokubhala kwabo kusabalalise ngqo isambulo leso abasamukelisiwe (1 John 1:1-3). Ngakho ukufunda nokuzwa ukuthi ithini imiBhalo iyona yodwa indlela esingaba nolwazi ngayo ngesambulo esigavamile (kwabase Roma 10:14-15).

Igunya elihlobene nalezizinhlobo ezimbili ezihlukene zesambulo lihlukile ngokusobala. Igunya lesambulo esivamile libhekene kuphela nokwahlulela labo abaliphikayo (kwabaseRoma 1:28). Igunyalesambulo esingavamile liqondile futhi licacile ukwenzala kubekhona ukukholwa nokulalela (IZenzo 17:30; 2 Thimothewu 3:15-17). Elinye liyahlulela kuphela, elinye linikezela ukuphila!

Yini okumele uyenze ngesambulo esivela kuNkulunkulu? Umbuzo ekumile sizibuze wona ukuthi sisithobela kangakanani isambulo sikaNkulunkulu njengamanje, ngoba ngelinye ilanga konke kuyobe sekuthotshiselwe ngaphansi kwesambulo sikaNkulunkulu.

IHubo 19:1 Amazulu alanda ngenkazimulo kaNkulunkulu,,
IHubo 19:7 Umthetho kaSimakade uphelele,uvuselela umphefumulo.

Sigcwele ukubonga ngeSambulo esivela kuNkulunkulu esingephikwe!