God Wins, and We Benefit from It
Amahubo 135 adalula umehluko omangazayo phakathi kukaNkulunkulu ophilayo nonkulunkulu balelizwe
UNkulunkulu ophilayo unguNkulunkulu okhetha abantu azobathanda ( Amahubo 135:4). Mukhulu ( Amahubo 135:5), Wenza kuphela, futhi konke, lokho Akuthandayo Yena ( Amahubo 135:6). Ubusa phezu kwemvelo yonke ( Amahubo 135:7) kanjalo naphezu kwalabo ababi ukuze kube yinzuzo kulabo Akhethile ukuba Abathande ( 135:8-12). Unedumela kuze kube phakade ( Amahubo 135:13).
Onkulunkulu balomhlaba bangabukeka bebahle, kodwa bebengeke ngisho babekhona ukuba akekho owabenza ( Amahubo 136:15). Abanayo imizwa namandla okusebenzayo ( Amahubo 135:16-17), futhi labo ababalandelayo nabo ababinangqondo futhi abanakukwazi ukuphila kulomhlaba ( Amahubo 135:18).
Lomehluko uyamangaza. Kodwa leliHubo alidaluli nje umehluko phakathi kukaNkulunkulu weqiniso nonkulunkulu balomhlaba. LeliHubo yiHubo lesiqiniseko kulabo abakhonza uNkulunkulu ophilayo weqiniso ukuthi bayofakazeleka ukuba baqinisile uma lempilo isiphelile.
Ngokuba uSimakade uyokwehlulela abantu bakhe,
azihawukele izinceku zakhe.
Amahubo 135:14
UNkulunkulu uyanqoba, bese thina esesiwuhlamukile lomhlaba ukuba silandele Yena sizozuza ekunqobeni Kwakhe. Ngakhoke sinomsebenzi wokuba sesabe USIMAKADE simudumise Yena ngokufanele (135:19-21).
Haleluya!
Dumisani igama likaSimakade;
mdumiseni nina zinceku zikaSimakade, enikhonza endlini yakhe,
emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.
Mdumiseni uSimakade, ngokuba Yena muhle,
lihubeleni igama lakhe, ngokuba lihle.
Amahubo135:1-3