UNkulunkulu wethu usezulwini,
wenza konke ngokuthanda kwakhe.
AmaHubo 115:3
Akusiyona imfihlo ukuthi amaqiniso ajulile empilo aphinde futhi abe ngasobala. IHubo 115:3 liyiHubo liyiqiniso, elilula, kodwa futhi elijulile. UNkulunkulu unguNkulunkulu, wenza njengoNKulunkulu, futhi, njengoba likhombisa iHubo uma uqhubeka ulifunda, Yena yedwa unguNkulunkulu weqiniso- bonke onkulunkulwana bayizeleze, zonke izibusiso zimelwe ukuvela kuNkulunkulu ukuze zibe khona.
Kwaze kwaba yindunduzo emoyeni wethu ukwazi ukuthi uNkulunkulu wethu usezwulwini nokuthi wenza konke ngokuthanda Kwakhe! Ikuphi ukulindela ukubusisa okuchaza ithemba lethu kulokhu kuphila. Uma ukubusisa bekungavela komunye, ubani owaziyo ukuthi kwakuyofika? Kodwa uNkulunkulu wethu unguNkulunkulu omuhle, onobubele kanye nomusa (IHubo 145:8-9), ngakho ukubusisa kuyachichima.
Ngaphezukwalokho, IHubo 115:3 liyinduduzo kumakholwa ngenxa yokugcizelela iqiniso lokubusa kukaNkulunkulu okungaphezu kwakho konke-“Wenza konke ngokuthanda Kwakhe”. Uma ngabe uNkulunkulu ubenamandla afinyeziwe, noma intando Yakhe ikwazi ukuphoqelelwa ukwenza okufiswa yithi, ngabe asinaso isizathu sokuthembela kwizithembiso Zakhe. Kodwa “Wenza konke ngokuthanda Kwakhe”. Lokho Akuthandayo okuhle kuphela, futhi amandla Akhe okwenza ngendlela efanele awanamkhawulo. Ngaleyondlela yezinto zikamoya, amandla angaphezu kwawo wonke ayiqiniso elinikezela induduzo enkulu!